OSEMBANGWENI wesihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, ugcine eyile ukuyokhalisa umndeni kaNdunankulu kaZulu osanda kukhothama, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UMntwana uSimakade nabamesekayo bahambele KwaPhindangene izolo, lapho befike bahlangana khona nomndeni wakwaButhelezi.
UMntwana uSimakade uhambela kwaButhelezi izolo nje, ngesonto eledlule, wahoxisa uhambo lwakhe emva kokuthi umndeni wakwaButhelezi ugcizelele ukuthi iSilo sisodwa esasekwa nayinkosi esanda kukhothama.
Lokhu kwashiwo ibambabukhosi lesizwe sakwaButhelezi, uMpikayise Buthelezi, owathi bona bazi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini kuphela.
Lokhu wakusho ngesikhathi iSilo sizofakana amehlo nomndeni kaShenge, saphinde sagezwa njengoba besisebenza eduze naye.
Ibambabukhosi lathi uMntwana uSimakade engeza kodwa engalindeli ukuthi bazomamukela njeSilo.
“Sisodwa iSilo KwaZulu. Siyabonga Silo esikhulu ukuthi ufikile wazokhalisa umndeni emva kokukhothama kwenkosi yakwaButhelezi. Abanye abazofika sizobamukela njengabaNtwana nje kanjalo nezingane zeSilo esibuzile noBhusha. Bazobe bengelutho ngaphandle kokuba abaNtwana,” uMpikayise washo kanje.
Emva kwale nkulumo, ihhovisi likaMntwana uSimakade labe selimemezela ukuhoxa kohambo lwakhe.
UMntwana uSimakade ukhulekelwa njengeSilo yilabo abamesekayo kusukela enza umcimbi wokungena esibayeni.
Izolo, uMntwana uSimakade wamukelwe yindodana kaButhelezi, uMntwana uZuzifa, ibamba uMpikayise nabanye.
Kuma-video kuzwakala uMntwana uZuzifa ehola abakwaButhelezi ngesikhathi bekhulekela uMntwana uSimakade.
Kula ma-video abakwaButhelezi bazwakala bekhulekela uMntwana uSimakade njengoNdabezitha, okukhulekelwa ngawo abaNtwana baseNdlunkulu.
Abeseka uMntwana uSimakade bebenobudlelwano obungebuhle noButhelezi njengoba bebehlezi bemgxeka ezithangamini zabezindaba.
UButhelezi ungomunye wabantu abebemangalelwe uMntwana uSimakade ecaleni lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu elizongena eNkantolo eNkulu ePitoli, ngenyanga ezayo.
Leli cala liphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu.