ZILIKHUTHAZE ukuthi liqhubeke liqine idolo iphoyisa lasesiteshini saseCato Manor, eMayville, eThekwini, izihlobo zalo livela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
UConstable Minenhle Joshua Makhaye (27) owaboshwa ngo-Okthoba 4, emva kokutholakala nekhadi lasebhange likamgilwa owaphucwa imoto eMalvern, ngenyanga edlule, bekulindeleke ukuthi kubhekwe ukuthi angasifaka yini isicelo sebheyili.
Lokhu kugcine kungenzekanga njengoba uMbuso ngomlomo kaMnuz Calvin Govender, uveze ukuthi kusekhona uphenyo olusashoda.
“Phakathi kwalo, kusasele ukuhlolwa kwemvelaphi yamakhadi angu-105 atholwa kumsolwa,” kusho uGovender.
Uveze ukuthi isisebenzi sasebhange okufanele size nomshini okwazi ukuveza ulwazi lwekhadi ngalinye sisekhefini lomsebenzi, wacela ukuthi inkantolo ilihlehlise icala.
Imantshi, uMnuz Ashwin Singh, ibe isilihlehlisela u-Okthoba 22 icala, ukuze kubhekwe ukuthi angasifaka yini isicelo sebheyili umsolwa.
USingh uphinde waveza ukuthi kungenzeka kunezelwe amanye amacala kumsolwa uma sekuphothulwe ukuhlolwa kwemvelaphi yawo wonke amakhadi atholwa kuye.
Kwaba khona ukudideka umsolwa eboshwa, kusolwa ukuthi uyathinteka esigamekweni sokudunwa kwemoto kamgilwa.
Kulesi sigameko kwagcina kushona ngesihluku ingane (11) kamgilwa, eyayisele nenye ngaphakathi emotweni.
Kwavela ukuthi yaqaphela ukuthi abasolwa abangaziwa bafuna ukuyiduna imoto, yaphuma yacasha ngaphansi kwayo kanti bazothi uma beyidumisa besuka, bayishayise, yaphelela khona lapho.
Imoto yagcina itholwa eChesterville.
Khonamanjalo: Inkantolo efanayo ilihlehlisele u-Okthoba 25, icala lokubulala isishoshovu se-MK eCato Crest, elethweswe abasolwa abathathu.
Abasolwa oMnuz Siphamandla Hlongwane (41), Ngcebo Luthuli (33) noThokozani Luthuli (26), basolwa ngokudubula babulale uMnuz Mxolisi Zungu.
UZungu wadutshulwa wabulawa ehamba emgwaqweni wendawo nowakwakhe bebuya ukuyohambisa ingane (3) yabo enkulisa yendawo.
Ummeli wabasolwa, uMnuz Manzi (elingatholakalanga igama lakhe) uveze ukuthi udinga isikhathi sokuthi axoxe nabasolwa njengoba sekukhona amacala engeziwe emaphepheni enkantolo.
Kulokhu, kuvele ukuthi asengu-11 amacala athweswe abasolwa.
Kuwona sekukhona namanye okubopha amatulo lokubulala nawokubulala abantu abababili, ezigamekweni ezenzeka ngaphambi kokubulawa kukaZungu.
Ayisikhombisa ayamaniswa nokubulawa kukaZungu. Kuwona kukhona elokuhlanganisa itulo lokubulala, okuthiwa laboshwa uHlongwane noThokozani.
Kube elokubulala, nalo elibhekene noHlongwane noThokozani.
Elinye elokuphanga behlomile, okuvela ukuthi bathatha isibhamu sikamufi, i-9mm , elibhekene noHlongwane noThokozani.
Elokutholwa nesibhamu esingekho emthethwen i-9mm, elibhekene noHlongwane.
Kube elokutholwa nezinhlamvu ezingu-14 elibhekene noHlongwane.
NoThokozani ubhekene nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni i-9mm nezinhlamvu ezingu-14.