USUBEKE ithemba emaphoyiseni, umndeni womfundi obesekunamasonto amathathu enyamalele kanti isidumbu sakhe sizotholakala ngoLwesihlanu ntambama, silahlwe emhlangeni ogudle usebe lomfula eMthwalume.
USinethemba Ngcece (8), obefunda u-grade 3 esikoleni samabanga aphansi eMakhoso Primary, esikhona eMthwalume, kuthiwa ugcine ukubonakala ngoSepthemba 1, ephuma esikoleni wangabe esafinyelela ekhaya.
Isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe ngabafana abebeyozibhukudela emfuleni, silaxazwe emhlangeni, babikela amalungu omphakathi.
Unina kaSinethemba, uNksz Nobuhle Ngcece, uthe sebebeke ithemba labo emaphoyiseni nasemphakathini ongakwazi ukudlulisela ulwazi lwawo kwabomthetho ukuze kuboshwe umbulali wendodakazi yakhe owenze isihluku esishaqisayo.
“Ibuhlungu lento eyenzekile, siyathemba ukuthi amaphoyisa azokwazi ukusheshe abophe abenzi bobubi,” kubalisa uNksz Ngcece.
Uthe okwenza ziqine izinsolo zokuthi ingane yakhe ibulawe kwenye indawo, yilahlwa ngoLwesihlanu, wukuthi kukhona umelusi oveze ukuthi udlulile ngakhona ekuseni ngosuku okutholwe isidumbu kodwa bekungekho lutho.
Kuthiwa umgilwa ubesagqoke umfaniswano wesikole kanti kunezinsolo zokuthi udlwenguliwe ngaphambi kokubulawa ngoba isidumbu sitholakale sikhunyuliwe iphenti.
Usihlabe wasihlikiza uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, lesi senzo.
“Sibuhlungu ngendlela efanayo neyomndeni ngokulahlekelwa yingane yawo obusabheke lukhulu kuyona. Lesi sigameko sitshengisa ukuthi kunezigilamkhuba ezingenanembeza endaweni, ezihlukumeza zibuye zibulale izngane, okungukuphela kobuntu kanti yinto esikhathazayo,” usho kanje uNgqongqoshe uNkk Khoza.
Ungqongqoshe ukuqinisekisile ukuthi bazojuba osonhlalakahle ukuze bayolekelela umndeni, othisha, nezingane abefunda nazo ngokubeluleka ngokomqondo.
UColonel Robert Netshiunda, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe aphezu kophenyo amaphoyisa ophiko olubhekelele amacala athinta udlame lwasemindenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ahlobene nocansi.
“Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi olungawalekelela ophenyweni lwawo ukuthi abike esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele enombolweni yokubika ngobugebengu ethi; 08600 10111 noma asebenzise i-MySAPS App,” kusho uNetshiunda.