USiyabulela “M-Siya” Maawu (40) ushone esibhedlela iTambo Memorial, eBoksburg, emuva kokungeniswa khona exinwe ukugula.
Ngaphambi kokushona kwakhe, lo mculi wodumo lwengoma ethi Amanxeba, ubhale kwiFacebook ukuthi uzwa ngathi uzofa ngaphambi kuka-5 ntambama ngoba akukho lula abhekene nakho.
Umfowabo omncane uBonganjalo Maawu ekhuluma neSolezwe izolo emini, uthe uzolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
“Uma kutholakale ukuthi kunesandla semfene sizothatha izinyathelo. Ngesikhathi ebhala kwiFacebook wayengakhali ngoba engaphethwe kahle kodwa ukuthi wayengafuni ukuba sesibhedlela. Uma ngimbuza ukuthi yini wathi ufuna ukuhamba aye ekhaya,” kusho uBonganjalo.
Uthe lo mculi wayengene esibhedlela ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokushona kwakhe.
“Kukhona imithi ababemnikeza yona ngenkani eyayimlimaza. Uma ngibabuza abazange bachaze. Sengizomthatha akuphelanga ngisho imizuzu engu-10 ngiyogcwalisa amaphepha, washona.”
Uthe kusasa kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo e-Ukhamba Industrial Park, eMhluzi, eMpumalanga, ngo-2 emini.
“Kukhona enye ezoba seGoli nenye e-Eastern Cape. Okuyiyona enkulu kodwa yile eseMpumalanga. Inkonzo yomngcwabo izoba khona e-Ukhamba ngo-8 ekuseni ngoMgqibelo.”
Inkonzo yomngcwabo kulindeleke ukuthi isakazwe bukhoma kwiFacebook.
“Siyancenga kusona sonke lesi simo, uNkulunkulu uyasisiza. Siyabonga nangemiyalezo yenduduzo, iyawenza umehluko.”
Uthe kuleli sonto kuzophuma ingoma entsha yomfowabo ashiye eseyenzile ethi Abantu Abazi apike kuyo uDumi Mkokstad.
UBonganjalo uthe uM-Siya ushiye emhlabeni unina, umkakhe, umfowabo nodadewabo abane.