LUKHUZA ibuya uhlelo oluvame ukuhambisana nezinkulumo lukaMasipala waseThekwini lokunikezwa amavawusha okudla izaguga eziqhamuka emiphakathini eyakhele lo mkhandludolobha.
Minyaka yonke iHhovisi likaSomlomo, uMnuz Thabani Nyawose, likhipha amavawusha liwanikeze amakhansela emawadini angu-11, aseThekwini.
Kuba yilawa makhansela aqoka lezo zaguga ezisuke ziludinga kakhulu uxhaso bese edluliselwa kuzona ukuze zicoshacoshe ukudla zenzela uKhisimusi.
Esikhathini esedlule yilapho ubukade uqala khona umsindo, uma sekwabiwa la mavawusha, kuvele nezinsolo zokuthi anikezwa abantu abangezona izaguga.
Abanye babesola ukuthi kunikezwa labo abasuke besondelene nosuke esemandleni okuphatha emphakathini ngaleso sikhathi.
Umasipala uthe la mavawusha ayindlela yokuhlonipha izaguga futhi uqinisekise ukuthi ziyasithokozela lesi sikhathi sonyaka.
UNyawose uthe amakhansela azokhetha izaguga ezizonikezwa amavawusha.
“Sizokhipha la mavawusha siwanikeze wonke amawadi awu-111. Siyakuqoda ukuthi la mavawusha okudla ngeke atholwe yiwona wonke umuntu oyisaguga ewadini, yingakho kuzonikezwa lezo eziswele kakhulu. Zizokwazi ukuwasebenzisa ezitolo ezithandwa yizona,” kusho uNyawose.
Kulo nyaka umasipala awushongo isibalo samavawosha ozowakhipha nokuthi iyinye ivumeleke ukuthi ithenge ukudla kwentengo engakanani.
Uzishaye isifuba uNyawose wathi bawumkhandlu onakekelayo futhi bazibophezele ekutheni benze abantu abadala bajabule ikakhulukazi ngasikhathi sikaKhisimusi.
Ugcizelele uNyawose ekutheni izaguga ziwumthombo wolwazi nobuhlakani lapho imiphakathi engathembela khona ekukhuliseni intsha.
Esikhathini esifanayo ngonyaka owedlule, kwavela ukuthi umasipala wakhipha amavawusha okudla awu-500. Ngayinye wawukwazi ukuthenga ngayo ukudla okubiza u-R650.