UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa waseNtinyane, eMbumbulu okwatholakala isidumbu sakhe sinqunywe ikhanda futhi sishisiwe endlini yakhe ngemuva kwengxabano aba nayo nentombi yakhe ethinta abantwana.
UMnuz Scelo Dodo Mkhize (42) wabulawa ngoJuni 2022. Kuvela ukuthi isidumbu sakhe satholakala ngemuva kwenyanga.
Kuthiwa wayekade ebe nokuhilizisana nayethandana naye kubangwa ukuthi umufi wayefuna ukwenza ulibofuzo lwezingane zakhe ezimbili ayekholwa ngukuthi akusizona ezakhe.
Kuthiwa lokhu kwayinenga kakhulu intombi yakhe yakhala ngokuthi isenzo sikamufi simenza abukeke kabi kumalungu omndeni nasemphakathini.
Kuvela ukuthi kungakapheli izinyanga ezine kwabe sekutholakala isidumbu sakhe sinqunywe ikhanda futhi sesibolile endlini.
Umfowabo kamufi, uMnuz Patrick Mkhize uthe bakhathazekile ngokuthi kuze kube yimanje akekho osaboshiwe mayelana nalesi sehlakalo.
Uthe bakholwa wukuthi ukhona ungqondongqondo wetulo lokusocongwa kukamfowabo.
Ukhale ngendlela okucwebe ngayo iziziba mayelana nalolu daba, wathi ayibanikezi nje nhlobo ukuthula.
Uthe kodwa ngeke baze bathule bagoqe izandla, bazoqhubeka nokufaka ingcindezi emaphoyiseni ukuze kutholakale umnyombo wokusocongwa kukamufi.
"Sekuqala ukusikhathaza kakhulu manje ukubona kuthuleke kangaka ngendaba yokubulawa kukamfowethu. Asisazi ukuthi senze njani uma kuthuleke kangaka,'' usho kanje.
Ngaphambilini amaphoyisa akuqinisekisa ukubulawa kukamufi. Aveza ukuthi kusaqhubeka uphenyo olunzulu ngokubulawa kwakhe.