UKHATHAZEKILE umndeni wowesilisa waseBergville, owagcinwa evalelisa ngesikhathi ehamba nenkosikazi yakhe bebuyela emsebenzini ngoMsombuluko, okuyimanje abangaziwa ukuthi bakuziphi izinkalo.
UMnuz Mandlendoda David Hlongwane (43) owakwakhe uNksz Andiswa Zikode nengane yabo uMalusi, kuthiwa bagcinwa ngoNcibijane, bevalelisa bebuyela eVryheid, lapho kusebenza khona uHlongwane kodwa abazange bafike khona nasezingcingweni zabo abatholakali. Kuthiwa ne-tracker ayiyitholi imoto yabo.
Umfowabo kaHlongwane, uMnuz Celani Mahlobo, uthe umfowabo wagcina ukubonwa edolobheni eBergville, ehamba ngemoto nomndeni wakhe.
"Umfowethu wayesitshele ukuthi uyongena emsebenzini ngakusasa. Sakhululeka sizitshela ukuthi uye emsebenzini. Akazange ashaye ucingo asho ukuthi uhambe kahle nokuyinto ajwayele ukuyenza. Kunalokho sathola ucingo kwasebenza nabo bembuza ukuthi ukuphi ngoba akafikanga emsebenzini. Saqala ngaleso sikhathi sizama ukubashayela bobabili nomkakhe kodwa izingcingo zabo zangangena," kuchaza uMahlobo.
Uthe bagcine sebeshayela ucingo nabanikazi be-tracker esemotweni yakhe, becela ukukwaziswa ukuthi imoto ikuphi kodwa kabangasizakala ngoba abe-tracker bathi abayiboni imoto. Amaphoyisa awakalwenzi uhlelo lokubheka izingcingo zabo ukuthi zikuphi.
Uqhube wathi imoto abebehamba ngayo iToyota CHR, ebomvu ebhalwe ukuthi Dlendo ZN.
"Okwamanje kuduma amakhanda, akukho esingathi siyakusola lapha emakhaya. Umfowethu akasona isixhwanguxhwangu, uwumuntu wabantu. Ubesanesikhathi esincane esebenza kwaTransnet eVryhied, ubesebenza koseGoli iminyaka eminingi. Asazi ukuthi sicabange ukuthi kwenzekani ngoba kwababandakanyeke ezingozini asibatholi," kuchaza uMahlobo.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ngalolu daba.