KUKIKIZE umndeni kushona ilungu lawo othi ubulihlalise lubhojozi emva kwesigameko sokudlwengula udadewabo maqede lambulala, eMahesheni, eNquthu.
Umufi uMnuz Khanyisani Buthelezi (27) okuthiwa ubeyisigebengu esesatshwayo kule ndawo kuvela ukuthi ushonele eGoli, ngoLwesibili emini.
Kuthiwa ubesesatshiswa okwenyoka njengoba kuthiwa ubefuna ukuya ocansini nabo bonke odadewabo nezingane zamantombazane zakubo, emva kwesigameko sokubulala udadewabo esemdlwengulile.
Kakucaci ukuthi ibe yini imbangela yokufa kwakhe. Kunamahebezi okuthi uzikhungile.
Ilungu lomndeni lokuqala, uNkk MaThusini Buthelezi lithe aphume nobovu ngokufa kwelunga lawo.
Eqhuba uthe umufi ubenonya nesihluku esiyisimanga.
Ulimise ngesihloko elokuthi umufi wazakhela inzondo engapheli emndenini ngo-2020 ngesikhathi edlwengula maqede ebulala udadewabo uNksz Nomvula Buthelezi owayedume ngelikaJuba.
"Siyawuhalalisela wonke umndeni wakwaButhelezi ngokuthi lo mfana amane akhethe isinqumo esihle kangaka sokuthi adlule emhlabeni. Phela iqiniso limile nje hheyi uhluphile kakhulu nangu umuntu wesilisa,'' usho kanje.
Ekhuluma ngesigameko sokudlwengulwa nokubulawa kukaNksz Buthelezi, uthe umufi wamngenela egunjini lakhe lokulala wamdlwengula wathi eseqedile wambulala. Emva kwalokho wase emumboza samuntu osalele ongakavuki ebuthongweni.
Emva kwesigameko uButhelezi wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, wahlala ejele iminyaka imibili wase ephuma.
Kuthiwa kuleso sigameko kwatholakala insimbi eyayigcwele igazi egunjini likaButhelezi nephenti likamufi elalinegazi.
"Waxolisa kithina ngakwenzile, kodwa namanje akuvumi ukuthi sikhohlwe ukuthi kunomuntu ongenza isihluku esinjengalesi kumuntu wakubo,'' kuchaza uNksz Buthelezi.
UNksz Jabu Buthelezi naye ukugcizelele ukuthi ibinzima kakhulu impilo esadla anhlamvana umfowabo.
Uveze ukuthi izingane zamantombazane zonke zakwaButhelezi bezihlafuna zijeqeza ngoba ubefuna ukulala nazo njalo uma ethola ithuba.
"Thina asazi ukuthi kanti kakuyisilwane sini sona lesi uNkulunkulu ayesilethile kulo mndeni wethu,'' usho kanjena sakubalisa.
Elinye ilungu lalo mndeni liveze ukuthi kunenye ingane yentombazane yasemndenini agcina ephumelelile ukulala nayo ngenkani.
Umndeni uthe uzomngcwaba uButhelezi kodwa akukho buhlungu obuzwayo ngokushona kwakhe.