UMNDENI wowesilisa owabulawa ngesihluku walahlwa emfuleni ngonyaka odlule uthi uxakwa “ngabasolwa” asebecela uxolo kubona.
Kwabulawa uMnuz Sfiso Xulu waseNquthu, isidumbu sakhe satholakala ngasemfuleni sesiqala ukonakala. Unina kamufi uNkk Nomalanga Xulu, uthi baxakwa ngabesilisa abathathu abajwayele ukufika bezocela uxolo ngabakwenza kumufi.
UNkk Xulu, ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo uthe abesilisa bafika njalo uma kuyizimpelasonto. Uthi ababili babo akabazi kodwa owesithathu ngumuntu abamaziyo. Uphumele obala wathi bazishaya isifuba ngenyanga abayihamba, yabalekelela ekutheni abenzi bobubi baziveze kubona.
Uthi ngemuva kwesikhathi esingangezinyanga eziyisithupha kubulawe ilungu labo, bezwa ngezimanga zikamphrofethi Nsikelelo Majola waseMpangeni, base benikela kuyena.
“Kukhona owasitshela ukuthi uMajola uyakwazi ukusiza abantu abasuke befuna ukugila, abantu abasuke bebulele izihlobo zabo. Saqala sadembesela ukuya kodwa sagcina sesiyile.
“Umphrofethi wasithembisa ukuthi abambulele bazofika bazoziceba bona,’’ kuchaza unina kamufi.
Uthi abazange bakukholwe lokho ngesikhathi esabatshela ngakho.
“Kodwa manje siyazibonela, sekuyenzeka. Asizisoli ngemali esayikhokha ngoba siyabona ukuthi kwenzekani,’’ usho kanjena.
Uthe ngeke baze babacebe emaphoyiseni futhi abafuni ukuthi baboshwe kodwa uthe bafuna ukuthi baququdwe yinto abangayazi baze baficwe ukufa nabo.
“Ngeke kulunge ukuthi baboshwe, kungcono bengaphandle ukuze bezoyizwa kahle lento ebashisayo egazini labo. Sifuna ukuthi nabanye bafunde isifundo sokuthi uma ubulele umuntu nawe uyajeza,’’ echaza.
Leli phephandaba labika ukuthi umufi wabulawa ngemuva kwengxabano nabathize, kubangwa intombi.
UMnuz Ndoda Xulu umfowabo omdala kamufi, uthe abesilisa uma befikile, bayagonyuluka babathathe ngamehlo engqondo babachazele ukuthi bambulala kanjani uSifiso. Uthe okumangazayo ukuthi benza into eyodwa njalo. Uma bebuya ngenye impelasonto, bafike bachaze into eyodwa ababeyichaze ngokwedlule. Uthe ukubabona bekulesiya simo yikhona osekubathoba amanxeba njengomndeni kamufi.
Eqhuba, uthe ababulali bakhala ngokuthi abufiki ubuthongo noma bedla babona umufi noma yikuphi lapho beya khona bayambona.
Isolezwe ngoMgqibelo lixhumane nomphrofethi Majola, wathi maningi amakhasimende anawo. Wathi akulula ukuthi akhumbule ukuthi yibaphi laba bantu, intatheli embuza ngabo. Uqhube wathi uzishaya isifuba ngomsebenzi awenzela abantu abafika kuyena nsuku zonke.
“Abantu bayafika njalo kimina futhi ngiyabasiza abasuke befuna ukuthola ngabantu basemakubo abasuke bebulewe, ikakhulu labo okungaziwa nokuthi babulewe ngubani,’’ kuchaza uMajola.
Phambilini amaphoyisa akuqinisekisa ukubulawa kukamufi. Aveza ukuthi bekungakaboshwa muntu.