UMNDENI wowayenguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uthi uqiniswa idolo yimiyalezo yenduduzo elokhu iqhubekile nokungena.
Okhulumela umndeni, uMnuz Adrian Lackay, uthe nakuba kunzima ukwamukela ukushona kukaGordhan, isibalo esiphezulu sabantu abazwelana nabo sibethula umthwalo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emzini kaGordhan, eGauteng.
“Kusithoba amanxeba ukuzwa abantu bencoma iqhaza elibanjwe uGordhan ngesikhathi kulwelwa inkululeko kanye nangesikhathi kuqalwa uhulumeni wentandoyeningi. UGordhan wanikela ngempilo yakhe.”
NgoLwesibili umndeni nezihlobo babe nomcimbi wangasese wokubona isidumbu sikaGordhan.
Isidumbu sikaGordhan singene okokugcina kulo muzi wakhe.
Ibhokisi ebelinesidumbu sikaGordhan besigoqwe ngefulegi elinemibala ye-ANC, okuyiqembu abeyilungu lalo.
Bekuwumunyu wodwa ngesikhathi isidumbu sikaGordhan sesishiya umuzi wakhe, sesibuyela emakhazeni.
Isidumbu sikaGordhan sifike eThekwini, ngoLwesithathu ntambama.
Umngcwabo wakhe uzoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesihlanu.
ULackay uthe uGordhan udlule emhlabeni ekhathazekile ngekusasa leNingizimu Afrika.
“UGordhan walwela ukuba bonke abantu bakuleli bathole impilo engcono. Akazange azabalazele ukuthi kube khona abantu abazozinothisa bodwa. Ubehlezi esigqugquzela ukuthi sonke silwele ukuba izwe lethu libe ngcono.”
Ngaphandle kwemiyalezo yenduduzo, kuhlelwe imicimbi eyahlukene yokukhumbula uGordhan.
ngoLwesibili ntambama kube nenkonzo yokumkhumbula ebisehholo ledolobha eGoli.
Le nkonzo ibihlelwe yi-ANC esifundazweni iGauteng.
Izikhulumi ebezishiyelana inkundla zincome amagalelo kaGordhan.
Namhlanje ntambama kuzokuba nenye inkonzo yokukhumbula uGordhan ezokuba seThekwini.
Le nkonzo ihlelwe yi-ANC KwaZulu-Natal.
UGordhan ushonele esibhedlela esiseGoli ngeledlule, emva kokugula isikhathi eside.
UGordhan uhlonishwe ngomngcwabo osezingeni likahulumeni wesigaba sesibili.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uzokwethula inkulumo emngcwabeni kaGordhan.
Phakathi kweminyango uGordhan ake wayiphatha kubalwa owezeziMali nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Ngaphambi kwalokho, wayengukhomishana weSA Revenue Service (Sars), wamemezela ukuthatha kwakhe umhlalaphansi kwezepolitiki ngaphambi kokhetho lwangoMeyi nonyaka.