NHLANHLA SITHOLE
UMICHAEL Murphy, ummeli owaziwayo emacaleni athinta ezemidlalo eNingizimu Afrika, uthi asimniki ukuthula isigwebo esinganikwa umdlali weKaizer Chiefs uJosta Dladla ( osesithombeni) uma etholakala enecala lokubanjwa nesikhuthaza esingavunyelwe emzimbeni womdlali i- methylhexaneamine.
UDladla (34) wathokala enalesi sikhuthazi egazini ngemva kokuhlolwa emdlalweni wabakhaya Amakhosi ebhekene neZimnyama ngo-Okthoba nyakenye eFNB Stadium eGoli.
Uthe isigwebo esingatholwa wuDladla uma engatholakala enecala singaba yiminyaka emibili. Lokhu kungasho ukuthi indaba yakhe iyaphela emdlalweni kanobhutshuzwayo ngenxa yeminyaka yakhe.
“Angikhululeki uma ngicabanga ngeminyaka ehambisana nokutholakala unecala lokusebenzisa lesi sikhuthazi (i- methylhexaneamine).
“Nginesiqiniseko sokuthi isikhuthazi esatholakala emzimbeni walo mdlali sangena engazi njengoba ingxube esitholakala kuyo ayinayo inkinga futhi isemthethweni. Inkinga wukuthi kuleyo ngxube kukhona nalesi sithako esingavunyelwe emzimbeni womdlali,” kuchaza uMurphy.
Uthe le ngxube yi- creatine etholakala noma ezitolo ezidayisa izikhuthazi ezisetshenziswa ngabantu abazivocavocayo futhi asiyona ingozi kwazise ayinayo inkinga.
“Akekho umuntu ongaboni ukuthi uDladla wayengazi ukuthi ingxube aseyisebenzise isikhathi eside inesithako okungafanele singene emzimbeni womdlali. Nesikhathi ayiphuza ngaso siyakhomba ukuthi wayengenayo inhloso yokusisebenzisela ukuzikhuthaza ngokweqile emdlalweni abanjwa kuwona ngenxa yokuthi wayesisebenzise kusenesonto lonke ngaphambi kwalowo mdlalo.
“Nakuba bonke abantu bekubona lokho kodwa inkinga esibhekene nayo wukuthi umthetho we-SAIDS (South Africa Institude for Drug-Free Sports) umile ekutheni umdlali otholakale nalesi sithako emzimbeni wakhe kufanele amiswe iminyaka emibili. Manje ngifuna ukulwela ukuthi okungenani bamnike isijeziso esincane sezinyanga eziyisithupha,” kusho yena.
Uthe kubalulekile ukuthi abadlali baqikelele uma besebenzisa izinto ezidliwa abantu abakha imizimba ngoba uma bengaqapheli baningi abazophelelwa wumsebenzi.
UMurphy uthe udaba lukaDladla luzobekwa ezithebeni zesigungu esiqula lolu hlobo lwamacala ngenyanga ezayo.
Ngo-Aphreli wangonyaka odlule i-US Food and Drug Administrators yexwayisa abakhi bezingxube ezakha umzimba ngokuthi akukho emthethweni ukukhangisa nge- methylhexaneamine njengesakhamzimba ngoba siqukethe izithako ezingavunyelwe kubantu bezemidlalo.
Inkontileka kaDladla kwiChiefs iphela ngoJuni.