UMSHUSHISI woMbuso u-Advocate George Baloyi, ucebe ummangalelwa wesihlanu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa ngokusabisa ufakazi phakathi enkantolo.
U-Advt Baloyi ubike ukuthi ummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli usongele uConstable Sizwe Zungu ekhuluma ngezandla elinganisa ukumdubula ngesibhamu.
UBaloyi ucele ukuthi kudlalwe ivideo eveza uNtuli esongela ufakazi nokuylapho uNtuli ebonakale khona samuntu ocasukile esonga elinganisa ukudubula ngesibhamu.
“Nkosi yenkantolo sithole ivideo yommangalelwa esabisa ufakazi nokuyinto ewukwedelela inkantolo. Ummangalelwa ubethumela imiyalezo kufakazi emsongela enza izimpawu zesibhamu. Yinto enzima kabi le okufanele ifakelwe izibuko,’’ kusho uBaloyi.
IJaji uRatha Makgoatlheng likhuze lababaza lathi uNtuli akasukume achaze ukuthi ubezama ukwenzani ngesikhathi enza lezi zimpawu okukhulunywa ngazo.
UNtuli uthe uyaqala ukuphendula kwangenelela ummeli wakhe u-Advt Zandile Mshololo kodwa naye wachithwa yijaji.
IJaji lithe akachaze uNtuli ngaphandle kokwesekelwa wummeli wakhe. UNtuli uzamile ukuchaza kodwa inkantolo yangagculiseka ngencazelo yakhe.
“Angisakhumbuli nokuthi kade ngithini ngoba ngijwayeleke ukuxoxa okuningi nalaba enginabo ebhokisini futhi mina angimboni ngisho ufakazi ngisithwa wumshushisi,’’ kusho uNtuli.
Ngaphandle kwecala lokufa kukaMeyiwa, uNtuli walahlwa wuxhaxha lwamacala okubulala abantu, kumanje udonsa izigwebo zodilikajele. Ufakazi uZungu uveze nokuthi kunesihlobo sikaNtuli esake samgeja ngesibhamu.
Ijaji lithe ngesinye isikhathi liqaphele ukuthi omunye wabamangalelwa uke wenza okufanayo komunye ufakazi wombuso ogcine eshintsha ubufakazi bakhe. Ijaji likhiphe isexwayiso esishubile kubamangalelwa, libakhuza libakhumbuza nokuthi kufanele baziphathe kahle enkantolo.
Kuvele ukuthi ufakazi uZungu ungaphansi kohlelo lokuvikelwa kofakazi futhi ziqiniswe kakhulu ezokuphepha emuva kokusatshiswa wuNtuli.