UMLINGISI woZalo ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa, enikela ngamaqakelo nezicathulo kubafundi bezikole ezahlukene eManguzi, kwaMhlabuyalingana.
UCebo “Mr Vibe” Mthembu olingisa indawo kaNyawo kulo mdlalo okhonjiswa kuSabc 1, uchithe usuku lwakhe nabafundi bezikole eziyisithupha zangakubo.
Phakathi kwazo kunezikole afunda kuzona okubalwa iManguzi Primary, Maputa Primary neShayina High school.
Esinye sezikole asihambele iShengeza High ayefundisa kuyo.
“Bekuyisifiso sami ukuhambela izikole zangakithi ngoba ngiyalwazi usizi lwezingane ezifunda kulezi zikole. Abanye abafundi abanazo nhlobo izicathulo zesikole futhi bahamba amabanga amade ngezinyawo. Lokhu ngikubone ngesikhathi ngifundisa eShengeza High,” kusho uMr Vibe.
Uthe kuyisifiso sakhe esikhulu ukuthi aqhubeke nokwenza lo msebenzi wokulekelela abafundi abaswele.
UMr Vibe ubehamba nozakwabo alingisa nabo.
Phakathi kwabo kubalwa uFanele Ntuli odlala indawo kaNomaswazi, Ntombifuthi Dlamini olingisa indawo kaMadlala, Ndumiso Khowa odlala indawo kaRaphael, Thembinkosi Thwala olingisa indawo kaMondli nabanye.
Lo mlingisi ubonge abaxhasi abenze ukuthi umcimbi ube yimpumelelo.
Phakathi kwabo ubale uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, Mkhulisi Holdings, Kuyeza Entertainment Centre yaseJozini nabanye.