UMLINGISI owaziwa ngokubonakala kwiSibaya neSithembiso, uPuleng Nomvula Ndlovu, uchaza ngembangela yokunquma ukuthi angaphinde azale.
Uthe uma umuntu wesilisa efuna ingane, umuntu wesifazane kufanele abaleke ngazo zombili ngoba usuke efuna ukumgila.
UPuleng uchaze kanje: "Ngikhuluma ngento engiyaziyo. Ubaba wayenza kumama ngesikhathi ngiseneminyaka emibili. Wamlaxaza nengane, kwamele azikhulisele ngokwakhe futhi wakwenza lokho, ngaphandle kokusizwa ngumuntu."
"Nobaba wengane yami wangicela ukuba ngibe nengane naye. Ngavuma ngoba ngangingayiboni inkinga. Kanti, Weee usathane wayengilinga!
“Nansi-ke, usekhona. Weeeeeh! Akangigilanga yini ngoba wangigila ngokwenza lokho. Akondli nje futhi akanandaba. Wahlukana nami yena wasekhetha ukungabe esayondla."
Uthe ubaba wakhe wahlukana nonina maqede wazonda yena. Umlingisi uthi "engibona zinsuku zonke esikoleni ayesiphethe enguthishanhloko kodwa enze engathi akangazi. Yingakho ngithi abantu besifazane kumele baziqonde ukuthi amanye amadoda athunywe ngusathane awazona izibusiso."
Uthe uyise wengane yakhe ucabanga ukuthi uzomhubha ezinkantolo zesondlo.
"Cha, angiwenzi nje lawomasi#$. Angikaze ngamyisa enkantolo yesondlo ngoba kufana nokumosha amandla akho nesikhathi. UNkulunkulu uzobhekana naye ngezono zakhe. IKarma izokwenza umsebenzi wayo ngoba iyalazi ikheli."
UPuleng uthe yingakho ethathe isinqumo sokuthi angaphinde abe nabantwana. "Sengenele ngale enginayo. Indodana yami iyisibusiso. Yingakho ngathatha isinqumo sokungaphinde ngenze umntwana nenye indoda. Yanele eyodwa. Sengiqedile. Ngeke ngisakhuleliswa ngumuntu. Kwenele esengikuzwile," kuphetha uPuleng obuye alingise kwiNdumbe nakuBalungile.