INZIMA impilo nosizi luzwa olunye esalukazini saseFolweni esesihlala emnyango nabazukulu, belindele ikloba lomlilo nezinye izimanga ezivele zenzeke ekhaya labo.
UNkk Tholakele Ngcongo (63) ukhungethwe yinkinga esihlule abathandazi namakholwa. Kuvele kushe yonke into kungaziwa ishiswa yini. Uma ethi uyapheka, ukudla kuvele kuphenduke inhlabathi.
Sekuhluleke ngisho omakhelwane abalokhu bephonse esivivaneni njengoba nezingubo zivele zishe.
Muva nje, kushe indlu enkulu ebinosofa ebesekuyiyo yodwa esele.
Ngesikhathi leli phephandaba lihambele kulo muzi, lizibonele ngokwalo kuvele kusha osofa nendlu abebekuyo esithubeni nje, kungaziwa ukuthi wumlilo ovela kuphi.
Lo gogo uthi lesi siqalekiso selokhu saqala ngenyanga edlule, kuvele kuqubuka umlilo endlini kodwa bengatholi umsuka wawo.
“Selokhu ngahlala kulo muzi ngo-2004, angikaze ngibe naleli bhadi engibhekene nalo. Kuqale ngengane okwasa iboshelwe ensikeni yinto engabonwa, ngabiza omakhelwane.
“Emva kwalokho kwalandela inja yakhulekwa ensikeni, ngaphinde ngabiza omakhelwane.
“Ngasekuqaleni kwenyanga ingane yaphinde yacindezelwa ngosofa ngibhekile, bembondelana phezu kwayo kodwa kungekho muntu obabambile.
“Kube sekuqala ukusha kwaze kwaba kane. Okwayizolo okwesihlanu kule nyanga,” kuchaza uNkk Ngcongo.
Eqhuba uthe sekuphele ngisho ukudla ngoba bekuvele kugcwale isinemfu nenhlabathi emabhodweni uma ephekile.
Izingane ngenkathi echaza uNkk Ngcongo bezimatasa zibhula ubhontshisi eziwuvune esivandeni zizama into ezizolala ziyidlile.
Amabandla ahlukene nomakhelwane bebengena beshintshana ukuzobabaza isimo sakhe.
Amaphoyisa akule ndawo aveze ukuthi asegqigqa khona ukuzolekelela uma kusha ukuze kungalimali nezingane. Omakhelwane bathi sebegawule zephuka abasazi nabo bawusize kanjani lo mndeni.
UNkk Ngcongo ukhala kakhulu ngosizo lokudla, izimpahla zesikole zabazukulu nongoti ongamsiza anqande lesi simo.
Omunye womakhelwane ohlale emsiza uNkk Nomsa Ncengwa uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu ngabazukulu ngoba babheke ugogo. Sezifunda ngaphandle kwezimpahla zesikole, sihlala zihlukumezekile yilesi simo. Siyacela abangalekelela, impilo inzima kuleli khaya nathi sesihlulekile singomakhelwane,” kusho uNkk Ncengwa.
UNkk Thembani Nxumalo ongelinye lamakholwa ebezoqinisa lo mndeni, uthe bake bafika phambilini belethe umkhuleko. Uthe ngokwabo bebezitshela ukuthi isimo sesaba ngcono, ngakho kubethusile lokhu.
Lo mndeni ufisa ngisho ukuthola enye indawo uhlale kuyona, mhlawumbe isimo singashintsha kwazise awazi ngempela ukuthi ngabe inkinga imayelana
negceke, noma inkinga inamalungu omndeni uqobo yini.