UNESIKHATHI esiwunyaka kuya ezinyangeni eziwu-18 umlawuli wesikhashana womkhandlu eMangosuthu University of Technology (MUT), sokuthi aqoke umphathi omusha wenyuvesi njengoba kukhona ibamba.
USolwazi Lourens Van Staden, unikezwe isikhathi esiyiminyaka emibili ebambe izintambo emkhandlwini wenyuvesi emuva kokuhlakazwa komkhandlu obukhona, nguNgqongqoshe wemfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande.
Omunye wemisebenzi yakhe ukuthi abuyise uzinzo ekuphathweni kwenyuvesi, ukwenza uphenyo oluthinta izimali, ukulungisa izinto ezingahambi kahle ekuphathweni kwezimali nokuthi kuthathelwe izinyathelo abathinteka enkohlakalweni.
Umqulu kahulumeni okhishwe ngumnyango ocacisa ngokuqokwa komlawuli, udalula ukuthi kumele enze nezinhlelo zeminyaka emihlanu zokuthuthukisa isikhungo.
Okunye kumele akulungise izinkinga ezavezwa ngumphenyi ozimele owajutshwa nguNzimande phambilini owathola izinto eziningi ezithinta umkhandlu owahlakazwa nokungaboni ngaso linye nowayengumphathi wesikhungo owasula.
“Okuseqhulwini wukuthi kumele kuqokwe umphathi wenyuvesi ezinyangeni ezingu-12 kuya kwezingu-18 ezizayo. Kumele kuvalwe nezinye izikhala zezikhulu eziphezulu enyuvesi,” ngokombhalo womqulu kahulumeni.
Okunye okubalulwa wumqulu wukuqinisekisa ukuthi iyalandelwa imigomo ngesikhathi sekuqokwa izikhulu eziphezulu nonyaka.
“Okunye ukuthi kumele kuqokwe umkhandlu omusha ozolawula inyuvesi. Kumele amalungu amasha omkhandlu acijwe ngendlela efanele ukuthi angathatha izintambo zokuhola.”
Nyakenye uNzimande uqoke uSolwazi Anthony Staak, umphenyi ozimele owayephenya ngezinsolo eziningi ezinye zazo ezithinta izinto ezazishiwo nguDkt Duma Malaza, owagcina ngokusula enyuvesi.
UStaak wayephenya ngokumiswa kukaMalaza nezinye izikhulu ngo-2020, izinkinga ezithinta imali enyuvesi nokungasebenzisani kahle phakathi komkhandlu omdala, noMalaza.
Wathola ukuthi kwakukhona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi komkhandlu omdala noMalaza okwakwenza kungasebenzeki. UMalaza wagcina evumelene nomkhandlu ngokuthi azisulele esikhundleni.