UBENOMLANDO wodlame emndenini owesilisa waKwaMkhabela, eNdwedwe, okuthiwa ubulale ugogo wakhe emuva kokufudunyezelwa ukudla ngoMgqibelo.
Kuthiwa umsindo usuke ngesikhathi umsolwa (29) evuka umbhejazane, ebuza umalumekazi wakhe, uNksz Zimbili Vilakazi, ukuthi umfudumezelelani ukudla kwakhe ngoba uyakwazi ukuzenzela?
Ngokusho kukaNksz Thokozani Nxumalo, oyindodakazi kamufi, uNkk Nombulelo Vilakazi (70), olandwe ngudadewabo (uZimbili) emzini wakhe osendaweni, uthe udadewabo uphendule umsolwa ngokuthi uyamfudumezela ukudla ngoba bese kunqumele.
Uthe umsolwa umtshele emehlweni uNksz Vilakazi (uZimbili) ukuthi uzomphahlaza ngalo ipuleti, nokuyinto okuthiwa ugcine eyenzile njengoba uNkk Nxumalo ezifice ngempela izingcucu zepuleti nophuthu kusakazeke phansi.
Udalule ukuthi yiyo le ngxabano evuse umufi nomyeni wakhe uMnuz Richard Vilakazi ngenhloso yokuzolamula.
“Yilapho avele wavuka khona indlobane, wabangenela ngesando bobathathu,” kusho uThokozani.
Uveze ukuthi umsindo ugcine uvusa umfowabo uMnuz Bongani Vilakazi, onguyise kamsolwa, endlini engaphandle, naye kanti uzodliwa yiso isando.
Uqhube wathi uNksz Vilakazi (uZimbili) ukwazile ukuphunyula, wazovusa yena (uNkk Nxumalo) kwakhe.
“Ngithe uma ngifika ekhaya, ngafica umama nobaba belele phansi bengakhulumi, besaphefumula. Ngibafunele izingubo ngabambathisa, kwabizwa i-ambulensi,” kusho uThokozani.
Uthe igcine ithatha umkhulu nomfowabo, ibaphuthumisa esibhedlela, ugogo wangabe esahamba njengoba ebesephangalele.
Uthe umkhulu noyise kamsolwa, bebenezingozi ezimbi ekhanda.
“Umkhulu usasesibhedlela, isimo sakhe sibi kangangokuthi abakamtsheli ukuthi umkakhe ushonile ngosuku lwesigameko. Umfowethu yena, utishiwe wakhiswa ngalo usuku. Yize isimo sakhe sivele saba sibi namuhla (esho izolo) wabuye wayiswa emtholampilo,” kubeka uThokozani.
Udalule ukuthi umsolwa kudala aqala ukuhlukumeza izihlobo zakhe, enza isibonelo ngokuthi bekungesikhona okokuqala elimaza umkhulu.
“Kukhona lapho amlimaza khona waze wayotishwa. Wake wawabulala wonke amawindi. Ngaphambi kwalokho, wake washaya unina waze wambopha,” usho kanje.
Uqhube wathi ubethi uma esenza izigameko zokuhlukumeza izihlobo, unina aze athi uyazisola ukuthi wamkhiphelani ejele.
Uthe basola ukusebenzisa izidakamizwa kumsolwa, abathi uvele abe yibhubesi esithubeni.
“Ngibuhlungu ngokuthi alimaze abazali bami kanje ajike angabi nandaba, njengoba ebesho ephindelela ukuthi akanendaba yena, awabizwe lawo maphoyisa, yena akasabi ukubuyela eWestville (ejele) ngoba kumnandi,” kusho uThokozani.
IMeya kaMasipala waseNdwedwe, uMnuz Sam Mfeka ohlanganise amehlo nomndeni izolo, ithe kusinda kwehlela ngezigameko zodlame endaweni, wathi kuyabakhathaza ukwanda kwazo.
“Sikhathazwa nayindaba yezidakamizwa ezidla lubi entsheni, okuthi uma intsha isizidlile, yenze izinto ezihlasimulisa umzimba,” kusho uMfeka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNdwedwe abophe owesilisa oneminyaka engu-29 ngecala lokubulala, namabili okuzama ukubulala.
“Lokhu kwenzeke emva kwesigameko lapho umsolwa ehlasele uyise, ugogo wakhe nomkhulu wakhe ngesando. Ugogo wakhe (70) uhlonzwe njengosedlulile emhlabeni endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi laba abanye ababili baphuthunyiswe esibhedlela lapho abasathola khona usizo lwezempilo, wathi umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe, maduze.