NGOSUKU obekumele luphenduke injabulo emndenini waseNhlangwini, eHlokozi, kudutshulwe kwabulawa abakhongi abayizelamani besakhuleka esangweni bezoshiya nezinkomo zemali.
Izelamani, oMnuz Thandokuhle Dlamini (38) noMnuz Mzwandile Dlamini (45) besesigodini saKwaMayibuye, khona eHlokozi, ziphelele emagcekeni asekhweni esehlakalweni esishaqise nomphakathi. Kulesi sigameko, kuthiwa abasolwa baphinde bakhala bemuka no-R50 000 abafi ebebezolobola ngawo.
Ngokusho komthombo, abafi bebethunywe umfowabo, uMnuz Bongani Dlamini (41) emzini wakwaHlongwa ukuyocela isihlobo esihle baphinde bashiye nezinkomo zemali.
Umthombo uthe abafi baphume ekhaya ngabo-7 ekuseni, kwangaphela ngisho nehora, kwangena ucingo oluthi sebedutshuliwe.
“Uma sifika endaweni yesigameko sithole ukuthi abasolwa behle ezimotweni ezimbili ezingama-Polo abengenazinombolo. Baqale baphoqa abakwaHlongwa ebebekikiza emnyango ukuthi babuyele endlini. Base bezodubula abafi,” kusho umthombo.
Uqhube wathi baqale ngoMzwandile, bamshaya ngenhlamvu eyodwa, wawa, baqhubekela kuThandokuhle, abambulale ngentululwane yezinhlamvu.
Uthe baphinde babuyela kuMzwandile, bamdubula kabili, maqede bathatha imali base bengena ezimotweni zabo, bashaya bachitha.
Umthombo uthe uThandokuhle bese kunesikhashana esekubhaceni kulandela izinsongo zokuthi uzosocongwa okusolwa ukuthi ziyamene nezindaba zamathenda.
“Usanda kuthola ithenda lokwakha umgwaqo endaweni. Kuthe kungakapheli nasikhathi esingakanani eqalile umsebenzi, kwadutshulwa owesilisa abesebenzisana naye eduze. Kwavela ukuthi abasolwa bathi wuye ozolandela,” kusho umthombo.
Umthombo uveze ukuthi izimoto zike zabonakala zimile isikhathi eside ngasendaweni yesigameko ngoLwesihlanu.
“Sisola ukuthi bebehlola isimo, nanokuthi izigodi zisondelene kakhulu, ngakho indaba yamalobolo kungenzeka ukuthi basheshe bayithola, base besebenzisa ithuba,” kusho umthombo.
Umthombo uthe awukholwa ukuthi isigameko simayelana netulo lokuphazamisa izinhlelo zokushada kwezithandani.
Uthe izithandani ezehlelwe umshophi ngosuku lwazo akuvumi nokuthi zikhulume kulandela isigameko.
Owesifazane kuvela ukuthi uphatheke kabi ngokonakala kosuku lwakhe ngomshophi onyantisa igazi.
Owesilisa yena kuthiwa uphatheke kabi ngokubulawa kwabafowabo ngesihluku bethunywe wuye. Uyazibuza uyaziphendula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ase-Highflats avule amacala amabili okubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kwababili eHlokozi, ngoMgqibelo.
“Ulwazi olutholwe amaphoyisa luthi abafi bebethunywe ukuyolobola. Bathe besamile esangweni, belinde imvume yokungena, bahlaselwa abasolwa abayisithupha ebebehlome ngezibhamu, behamba ngama-Polo amabili eli-dark grey neli-navy blue,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise kubagilwa, bebabulala ujuqu.
“Babuye babaphuca nemali ebebezolobola ngayo ngaphambi kokuthi babaleke,” kusho uNetshiunda.
Uthe uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi oyedwa wabafi ubefunelwa icala lokubulala okuthiwa walenza ngoJulayi nonyaka.