OBENGUMVIKELI woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane uthi uzosidlulisa isinqumo sokuxoshwa kwakhe.
NgoLwesithathu u-Adv Mkhwebane ungene enkundleni yezokuxhumana iX, wathi ukube abamxoshile basheshisa kanjena nasezindabeni zokunqamuka kukagesi, ngabe le nkinga isixazululiwe.
Uthe abukho ubulungiswa futhi uxoshwe ngosuku lokukhumbula isishoshovu somzabalazo wenkululeko yabantu uSteve Biko, owazalwa ngoSepthemba 12.
Uqhube wathi isinqumo uzosidlulisa ngoba ungumuntu olandela izinhlaka ezifanele zomthetho.
Ubefake incwadi ayibhalelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, imazisa ukuthi useyamkhulula emsebenzini wakhe njengoMvikeli woMphakathi.
Kuleli sonto amalungu ekomidi elibizwa ngeSection 194, athole u-Adv Mkhwebane enecala lokungaziphathi kahle, nokwehlulwa wumsebenzi.
USotshwebhu weDA ePhalamende, uNksz Siviwe Gwarube, uthe amalungu ekomidi le-section 194 enze umsebenzi omuhle ngoba vele u-Adv Mkhwebane, ubehlulwa wumsebenzi.
Ubalule ukuthi amalungu awu-318 ePhalamende avotele ukuthi u-Adv Mkhwebane, axoshwe kanti awu-43 athe akahlale kwathi elilodwa lagodla ivoti lalo.
UNksz Gwarube uthe u-Adv Mkhwebane ubethatha izinqumo ezingafanele ezidle abakhokhi bentela uR160 million emacaleni abalulekile, aze aye enkantolo nokuyilapho edliwe khona le mali.
USihlalo wekomidi lika-section 194, uMnuz Qubudile Dyantyi, uthe umsebenzi wabo bebewenza ngobunono ngoba baphenyisisa konke.
Inkontileka ka-Adv Mkhwebane ibizophela maphakathi no-Okthoba nonyaka, njengoba esexoshiwe.