Usenze isibophezelo sokuthi bazosebenza ngokuzikhandla ngenhloso yokuthola ongqondongqondo betulo lokubanjwa kwenkunzi kwezimoto ezithwala imali, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi.
Ubekade ebize isithangami sabezindaba ngoLwesihlanu, eThekwini, ukuzoveza kabanzi ngesimo samacala ehlukene nangesimo sezokuphepha esifundazweni.
UMkhwanazi ukhuluma kanjena nje, seziphenduke insakavukela muva nje izigameko zokubanjwa kwenkunzi izimoto zemali.
Uveze ukuthi kusuka ngo-Ephreli nonyaka kuze kube manje zingu-17 izigameko zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali. Amaphoyisa akwaze ukuvimba ezinye izigameko ezinhlanu ezigcine. Uthe kuboshwe abasolwa abahlanu, abathathu kubo asebelahlwe ngamacala. Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abangu-10 balezi zigameko ngesikhathi bedubulana namaphoyisa.
Esigamekweni sakamuva kubikwa ukuthi kubanjwe imoto yemali KwaMadundube, KwaMaphumulo. Kulesi sigameko kuthiwa abasolwa babaleke nemali.
Ziningi ezinye izigameko ezifuze lezi okuke kwabikwa ngazo ngaphambilini.
Emgwaqweni uN2 ngaKwaMashu, abasolwa abane ababehamba ngezimoto ezahlukene bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni ethwala imali bagcina bebaleke nesamba semali engadalulwanga.
Isigameko esifanayo senzekile naseKranskop emasontweni edlule, kwafa ujuqu abasolwa ababili ngesikhathi abasolwa ababandakanyekayo sebetholana phezulu namaphoyisa ePhoenix ngesikhathi bebaleka.
Ngenyanga eyedlule, amaphoyisa adubule abasolwa abane ebebefunwa ngamacala okubamba inkunzi izimoto ezithwala imali eCamperdown. Abasolwa kuthiwa badubula kuqala amaphoyisa nawo aphendula ngenganono.
EMnambithi, eMlazi naseThekwini kuke kwabikwa ngezigameko ezifanayo nakhona.
"Izigameko zokubanjwa kwenkunzi izimoto ezithwala imali ngezinye zezinto amaphoyisa azimisele ukuzinqoba,'' usho kanje.
Phezu kwazo zonke lezi zigameko uMkhwanazi uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthola umnyombo wezigameko nanokuthi obani abangongqondongqondo bazo.
Uthe uphenyo ngezigameko zabangakabanjwa abathinteka kulezi zigameko luyaqhubeka.
Uthe okubuhlungu ukuthi namaphoyisa agcina esedubula ebese kuba khona abashonayo.
“Amaphoyisa umsebenzi wawo ukubopha abasolwa ebese beyashushiswa uma betholakala benecala. Kodwa kwesinye isikhathi kuyawaphoqa ukuba nawo adubule,’’ echaza.