UZOHANJELWA nangongqongqoshe beminyango eyahlukene umkhuleko wokukhulekela ukuphela kokubhimba kwezinto esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Umkhuleko ozokuba ngomhlaka-04 kuNovemba, eGolden Horce, eMgungundlovu. Uyoqala ngehora lesibili ntambama.
Uhlelwe yinkampani ejwayele ukuhlela imicimbi emikhulu, iSombizi Holdings.
USihlalo wayo uMnuz Xolani Xulu, uthe ziningi izinto ezingalungile ezibonakala zigubuzele iKZN.
Phakathi kwazo ubale izikhukhula ezibuya ziphindelela, ukuntengantenga komnotho, izibhelu ezashiya kukhalwa, ukugobhoza kwegazi okungami nobugebengu obungasanqandeki.
"Zonke lezi zinto ziwuhlalisa lubhojozi kakhulu umphakathi wasesifundazweni iKwaZulu-Natal. Yingakho sesithe manje kasisukume siqinisekise ukuthi siyakhuleka kuNkulunkulu esimkhonzayo,'' kuchaza uXulu.
Umkhuleko uzobe uzinyaziswe wuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN, uNkk Nonhlanhla Khoza, uNgqongqoshe wezekuThuthukiswa koMnotho, ukuVakasha nezeMvelo eKZN, uMnuz Siboniso Duma noNgqongqoshe wezamaCiko neZemidlalo ezweni, uMnuz Zizi Kodwa.
Kuzobe kukhona neMeya yesifunda uMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma neMeya yaseMsunduzi uMnuz Mzimkhulu Thebolla.
UXulu uthi babone kukuhle ukuba bayimeme imeya yaseMsunduzi ngenxa yezehlakalo ezinyantisa igazi zakamuva nje ezibonakale eMgungundlovu.
''Kuwona lo nyaka eMgungundlovu kube nomndeni okubulawe ngokudutshulwa kuwo amalunga awo angu-10. Ziningi kakhulu futhi nezinye izigameko ezibuhlungu eziqhubekayo okwenzeka kule ndawo,'' usho kanjena.
UXulu ukhale ngendlela isibhamu esibonakala siqhuma ngayo eKZN. Wathi wumkhuleko kuphela ongaba yikhambi kule ngwadla.
Kuzobe kukhona noBenjamin Dube, Xoli Mncwango, Mnqobi Nxumalo. Uhlelo kulindeleke ukuba luphathwe nguPhind P woKhozi FM noChurch Boy.