OGAQELE isikhundla sokuhola i-ANC engqungqutheleni eqala ngesonto elizayo eNasrec eGoli, uDkt Zweli Mkhize uthe kukunembeza womholi ukuthi azihoxele uma ebhekene namacala noma izinto adinga ukuzilungisa.
UMkhize obekhuluma noSolwazi Sipho Seepe izolo, uthe kuyilungelo likamengameli Cyril Ramaphosa ukuya enkantolo uma kukhona izinto afuna ukuziphikisa.
Uthe akekho owamphoqa ukuthi ahoxe kuhulumeni njengongqongqoshe wezempilo emva kokuvela kwemibiko ethinta ithenda yeDigital Vibes.
“Kukumuntu ukuthi ahoxe noma angahoxi esikhundleni. Akekho owangiphoqa ukuthi ngishiye kuhulumeni, kungaba yi-ANC, noma umengameli kodwa ngazihoxela ngoba ngangidinga ukulungisa izinsolo ezibhekiswe kimina ngingekho kuhulumeni. Ngatholakala ngimsulwa kuzona zonke izinsolo.”
Usho lokhu nje kukhona nabaholi be-ANC kanjalo nezinhlangano ezehlukene ezinxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi ahoxe emva kombiko wethimba ebelijutshwe yiPhalamende, othole ukuthi kukhona icala okumele aliphendule ngokutholakala kwemali engamaDola, ishuthekwe empahleni yasendlini epulazini lakhe iPhala Phala eLimpopo ngo-2020.
URamaphosa unqume ukuya enkantolo wangahoxa futhi wangasula kuhulumeni njengoba kwase kunemibiko yokuthi uzosula.
UMkhize uthe emuva kwengqungquthela yaseNasrec, kumele iphele eyezinhlangothi ezehlukene.
“Kumele ngemuva kwengqungquthela iphele eyamaqembu qembu kusetshenzelwe abantu. Abantu kumele babe sekhaleni lezinto ezweni labo.”
Ugxeke abakhala ngeminyaka eyisishiyagalolunye eyalahleka ngesikhathi sikaMengameli Jacob Zuma.
“Awukwazi ukuthi wawuyingxenye yezinto bese uzenza umuntu owayengekho noma owayengaboni. Ngiyayichitha eyeminyaka eyisishiyagalolunye okuthiwa yalahleka. Ziningi izinto ezenzeka, kwehla izinga lokungasebenzi kwabantu kuleli eselinyuke laya phezulu manje.”
Khonamanjalo uSnuki Zikalala wohlaka lwesikhashana lomakadebona be-ANC, uthe le nhlangano idinga ubuholi obuzobeka izwe phambili njengoba kuyiwa kule ngqugquthela.
Uthe kudingeka abaholi abazohlonipha nomthetho wathi ngeke beseke umuntu obhekene nezinkinga.
“Sikholwa ngukuthi noma ngubani obhekene nezinhlaka zomthetho, noma obhekene nekomiti eliqondisa ubugwegwe lenhlangano kumele angawungeneli umbango wokuhola inhlangano. Sifuna abaholi abazolwa nenkohlakalo, abazolalela abantu, abazobumba inhlangano nabazoyivuselela.”