UMKHANDLU wabasebenzi bezempilo, iHealth Professions Council of SA (HPCSA) uthe uzophenya ngezinsolo ezibhekiswe kudokotela owusaziwayo uDkt Nandipha Magudumana.
Umkhandlu uthe kunemibiko eminingi yabezindaba mayelana nezinsolo ezibhekiswe kuMagudumana, njengomlawuli wemisebenzi yezokunakekelwa kwempilo kufanele uphenye njengokuyalela komthetho i-Health Professions Act 56 ka1974.
Isitatimende esithunyelwe ilo mkhandlu kwabezindaba sithe umkhandlu, uzosebenzisana nophiko lwamaphoyisa, uMnyango wezeMpilo emazingeni esifundazwe nakuzwelonke, uMnyango wezaseKhaya noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukuqinisekisa ukuthi uphenyo luphelele.
UDkt Magudumana, isoka lakhe uThabo Bester kanye nongowaseMozambique baboshwe eTanzania ngempelasonto.
Amaphoyisa athe kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye mayelana necala likaBester odume ngeFacebook rapist, obegwetshelwe icala lokudlwengula nelokubulala.
Kuthiwa lezi zithandani zitholakale nomazisi abaningi ngesikhathi ziboshwa.
UDkt Magudumana usolwa ngokweba izidumbu ezintathu emakhazeni okusolwa ukuthi esinye sazo sasetshenziswa ukuze kube sengathi esikaBester okwakuthiwa washa washona ngesikhathi kusha ingxenye yejele iMangaung Correctional Centre.
UMagudumana uphinde asolwe “ngokweba imininingwane” kaDkt Mmereka Ntshani, noma “uDkt Pashy”, ongudokotela odumile.
IHPCSA ithe lezi zinsolo nezinye ezithinta uDkt Magudumana izona ezoziphenya.