UMQEQESHI owayeyibamba kwi-Orlando Pirates naseqenjini lesizwe laseZambia, uMilutin “Micho” Sredojevic, ulahlwe amacala amabili okunukubeza ngokocansi yinkantolo yesiFunda eGqeberha.
UMicho ugwetshwe iminyaka emithathu kodwa yalengiswa iminyaka emihlanu engatholakali necala elifanayo.
Nokho kuvele ukuthi abammeli bakhe bafake isicelo sokuphikisa isigwebo, esivunyiwe yinkantolo.
Ngokwemibiko lo mqeqeshi osepheka iqembu lase-Uganda, wazifaka obishini ngesigameko asenza kuleli ngo-2020 ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeCosafa Cup eGqeberha.
Kuthiwa ngoDisemba 7 2020, owesifazane wayehambisa ikhofi eWolfson Stadium lapho kwakubanjelwe khona imidlalo. Kuthiwa wabuza uMicho ukuthi angawuthandi yini ushukela ekhofini lakhe. Imibiko iqhuba ithi lo mqeqeshi waphendula ngokuthi “cha” kodwa waqhubeka wathi angathanda olunye uhlobo lukashukela esho ekhomba isitho sangasese salona wesifazane.
Kuthiwa isisulu sabe sesibikela umphathi waso owanxusa uMicho ukuthi angabuye aphinde akwenze lokhu.
Ngosuku olufanayo owesifazane wabuyela enkundleni ehambise ikhofi. Lo mqeqeshi kuthiwa wenza okudlulele njengoba wathinta lona wesimame ezinqeni, okuyilapho wabe eseyovulelwa icala ngezenzo zakhe.
Lo mqeqeshi wahola iPirates amasizini amabili ngaphambi kokuthi ashiye isigubhukane ngo-2019.
Ukuhamba kwakhe kwamenyezelwa ebusuku kungazelele muntu. Kwabe sekulandela imibiko yokuthi kunecala lokunukubeza abevulelwe lona kuleli.