IHHOVISI likaMgcinimafa selichithe ukuthi izinkinga ezibhekane neKhomishini yezoKhetho kuleli, ngesikhathi kuvotwa zidalwe wukungaxhaswa ngokwanele ngemali.
Leli hhovisi lithi ikhomishini ibixhaswe ngemali eyenele ukuze ibambe ukhetho nonyaka lukazwelonke nolwezifundazwe.
Lokhu likusho kulandela izikhalazo ngokungahambi kahle kwezinto okhethweni ebezivela ezinhlakeni ezehlukene.
Kukhalwe ngokuthi ikhomishini ibingaluhlelelanga ngendlela ukhetho ngoba imishini yokubheka abazovota ibingasebenzi okwenze kwaba nolayini abade ezikhungweni zokuvota. Kwezinye izindawo kukhalwe ngokujikiswa kwabavoti.
Isitatimende esikhishwe yihhovisi likaMgcinimafa siveze, ukuthi ngesikhathi lilungiselela isabelomali sezwe, laxhumana nekhomishini mayelana nezidingo zokhetho.
“Saxhumana nekhomishini yavuma ukuthi isabelomali esizoyabela yona, sizokwazi ukuhlangabezana nezidingo. Savumelana nekhomishini ukuthi ngeke sibe khona isidingo sokuthi yengezelwe imali ngoba yathi bekukhona uR1.5 billion, eyayinawo emgodleni.”
Isitatimende sithe onyakeni wezimali u-2024/2025 ikhomishini yahlinzekwa ngoR2.232 billion. Siveze ukuthi uR322 million wale mali wanikwa ikhomishini ngo-Ephreli kulo nyaka.
“NgoMeyi ikhomishini inikwe uR1 billion. Kunemali enguR350 million okwakungeyokuhlinzeka ngezokuphepha ngesikhathi sokhetho.”
Abaholi bamaqembu ahlukene bakhalile ngezinkinga ezikhungathe ikhomishini ngalesi sikhathi.
UMnuz Granville Abrahams, imenenja ebhekele ukusebenza kwekhomishini, utshele abezindaba ukuthi imali abayabelwa yona yenza izinto ezifanele. Uthe baqasha inqwaba yabasebenzi abebesiza ngezinto zokhetho.
Uveze ukuthi kwagaywa namaphepha okuvota acela ku-90 million ngoba kulolu khetho bekukhona iphepha lesithathu lokuvota elinabangenele ukhetho ngokuzimela.
“Emalini esabelwe yona siyisebenzise ezinhlelweni zokhetho. Siqashe inqwaba yabasebenzi ngalesi sikhathi sagaya nenqwaba yamaphepha okuvota ukuze angashodi uma sekuvotwa,” kusho u-Abrahams.
Akazange adalule ukuthi imali ababelwa yona ibiyanele noma ibingenele.
“Senze obekumele sikwenze kulokhu ebesabelwe khona ukuze ukhetho kube ngolukhululekile nolunokuthula.”