IKHULUNYELWA emakhoneni ngamalungu omphakathi waseJozini indaba yesenzo somfundisi webandla labasindisiwe, iRestoration of Hope Bible Church, odube ukushadisa ngomzuzu wokugcina ecikwa ukuthi umkhwenyana usefuna ukwenza isiko lamawele emshadweni.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, uMfu Joseph Malinga (ongumholi waleli bandla) ubekade ezoshadisa uMnuz Klangwe Gumede noNksz Gugu Ntimbane abangamalungu aleli bandla.
Ngaphambi kokuba umakoti afake iringi kumkhwenyana, bekumele ayifake eweleni likamkhwenyana kuqala.
Lokhu kuthiwa kumnengile kakhulu uMfu Malinga, wakhala ngokuthi angeke aze akwenze ngoba kuwukugcina amasiko ekubeni yena esindisiwe.
Kuvele nokuthi umkhwenyana ubecele ukuthi ngesikhathi eshadelwa, eceleni kume iwele lakhe.
Umshado bekumele ube sesakhiweni saleli bandla esikhona eJozini kodwa ugcine sewuba semagcekeni akubo kamkhwenyana ngemuva kokuba uMalinga edube ukubashadisa.
Isenzo sikaMalinga, ngokusho komthombo, simnengile kakhulu umkhwenyana kangangoba ufuna ukulishiya phansi ibandla ajoyine elinye.
Kuthiwa kuze kwadingeka ukuthi umkhwenyana ngomzuzu wokugcina aqashe itende alifake egcekeni kwakhe okuvela ukuthi kumudle u-R6 000.
Ethintwa umkhwenyana, uqale wavuka ngolaka ethi akafuni ukukhuluma ngale nto futhi akathandi nokuthi inekelwe izwe.
Kodwa intatheli imncengile wagcina esekhuluma kancane. Uveze ukuthi udumele ngokwenziwe nguMalinga kuyena.
"Bekuyinto obekumele ngiyenze lena yokuthi ngime newele lami ngaphambili. Lokhu yinto abantu abangamawele abayenzayo vele uma beshada. Nangesikhathi iwele lami lishadelwa senza okufanayo,'' usho kanje.
Uthi akazi ukuthi yini emxakayo uMalinga kulokhu. Umthombo uthi uMalinga ubekhala ngokuthi uma evuma leli siko kuyobe kuchaza ukuthi ufungisa lawa mawele ukuba alale nomuntu wesifazane oyedwa okuyinto okuthiwa uthe iphambene nenkolo yakhe yobuKhristu.
Ethintwa uMalinga, uphike walala ngomhlane ukuthi wenqabile ukushadisa umkhwenyana ngoba ubefuna ukwenza usiko lwamawele.
"Mfowethu, angazi ukuthi ukhuluma ngani,'' usho kanje. Uthe akazi nokuthi kungani umkhwenyana eyeke nesakhiwo sebandla wayoshadela etendeni egcekeni lakubo.