UNINA wowesifazane okuthiwa udlwengulwe umfundisi webandla lamaZayoni, ophinde abe ngumelaphi, ukhala ngesihluku athi sizwiswe indodakazi yakhe ebiyitshitshi, ebelihamba uMkhosi woMhlanga.
Umgilwa (18) kubikwa ukuthi ubehlala nomfundisi nenkosikazi yakhe, ongunina omncane kuye (umgilwa).
Kuthiwa umsolwa ube nomkhuba wokugcoba umuthi esithweni sangasese somgilwa, athi uyamvikela ekutheni angadlali abantu besilisa. Kubikwa ukuthi umgilwa wabikela unina omncane kodwa wakushaya indiva akutshelwa nguyena.
Ithumbu lokudlwengulwa umgilwa libhoboke emasontweni amabili edlule kodwa kuyindaba ebikhulunyelwa phansi. Umndeni kamgilwa kuthiwa ubusuhlukene phakathi kukhona abebethi alungabikwa udaba emaphoyiseni.
Ekhuluma nephephandaba unina kamgilwa esigodle igama lakhe, uthe okumphatha kabi ukuthi udadewabo ahlangane nomyeni wakhe ekubeni egile umkhuba enganeni yakhe. Uthe umqondo wakhe kumanje udidekile ngoba kunomdonsiswano emndenini wakhe.
"Ngibuhlungu ngento eyenziwe yile ndoda. Okungiphula umoya ukuthi mina nengane yami sesingabantu ababi kudadewethu oshade nomsolwa.
“Angiqondi ukuthi lo muntu unikwe kanjani ibheyili. Sizizwa singaphephile, ikakhulu ngoba uphinde abe ngumuntu othanda imithi," kusho unina wentombazane edlwenguliwe.
Umsolwa udedelwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngo-Septhemba 18, kanti kulindeleke ukuthi avele futhi ngo-Okthoba 19 kule nkantolo.