UMFUNDISI osemncane uthi ukholwa ukuthi kumqoka ukuchelelwa kwemishado yabantu abamnyama ukuqinisekisa ukuthi noma izamaziseka kodwa akuqhumi izehlukaniso.
UMfu Thembinkosi Congolo (37) ukusho lokhu ngesikhathi kunesigcawu sabantu abashadile ebesihlelwe yisikhungo sakhe, iMukashi Marriage Officers.
Besikade sisesakhiweni seGrace Life Church ebiseReunion, eSiphingo, muva nje.
UCongolo uthi uyakholelwa emishadweni ngakho kumele ibandla likaNkulunkulu nalo libhukule liqinisekise ukuthi iyama.
"Kumqoka ukuthi izigcawu zalolu hlobo zibe khona. Ngikholwa ukuthi zinendima enkulu eziyidlalayo kubantu bakithi abasemishadweni,'' usho kanje.
Uveze ukuthi lesi bekungesisona esokugcina isigcawu kodwa ziyeza ezinye ezizoba wuchungechunge kusona sonke isifundazwe iKwaZulu Natal.
"Sifuna ukufinyelela kusona sonke isifundazwe. Ngokuhamba kwesikhathi sihlela nokuthi sifinyelele nakwezinye izifundazwe,'' usho kanjena.
Lo mbhidlango ubambisene kuwona no-Advocate Jodwane Nyameko ongummeli.
Uthe ukholwa ukuthi abantu abashadile bayadinga ukuthola ukuboniswa okuvela kubameli.
Isikhulumi sosuku bekunguMphostoli Musa Khwela weJesus Restoration owenabe kabanzi ngokubaluleka kokuba abashadile bazane kangcono futhi babekezelelane.
Uthe emshadweni akuhlezi kumnandi, wathi kodwa okumqoka yizindlela ezinobuhlakani okumele zisetshenziswe ngabasemshadweni ukuxazulula izinkinga zabo ngokuthula.
"Yonke imishado iyahlaselwa yizinkinga kodwa okuyikhona okumqoka kakhulu wukuqinisekisa ukuthi izinkinga zisonjululwa kanjani,'' usho kanje.
Uthe emandulo sasiphansi kakhulu isibalo sabahlukanisayo, wathi lokhu kwakubangelwa ukuthi kwakubanjiswana kukhona konke ababekwenza.
Ukhuthaze nokuthi abashadile bazifundise ukukhuluma kabanzi ngezezimali.