UMFUNDISI osamncane ngokweminyaka ukhuthaza ozakwabo ukuba bahambe ngokucophelela, benze isiqiniseko sokuthi abasidicileli phansi isithunzi sebandla likaNkulunkulu.
UMfu Siphiwo Sithathu (33) oyinhloko yeChurch of Christ Ministries (CCM), obekade ekhuluma kwindumezulu yenkonzo yaleli bandla ebikade iseHlanzeni, eMagabheni.
USithathu uthi ukholwa ukuthi ibandla likaNkulunkulu kumele lihlonishwe futhi kwenziwe yonke into ngendlela efanelekile neyamukelekile.
Wathi kumqoka ukuthi nabo njengabaholi abasebancane ngokweminyaka babonakale benyathela ngokucophelela.
Ulimise ngesihloko elokuthi ebandleni aliholayo kunezinto angafuni nje ukuthi zenzeke ngoba kuyokhonjwa yena ngenjumbane.
Okunye kwakho umjolo wabazalwane, wathi akafuni nokuyizwa into enjengaleyo.
"Mina ngifuna into kaNkulunkulu kube yinto ehlanzekile nehloniphekile ngaso sonke isikhathi,'' usho kanje.
Eqhuba, uveze ukuthi eminyakeni ezayo ufuna ukubona leli bandla lidlondlobala lize lifinyelela kuzona zonke izifundazwe ezikhona eNingizimu Afrika.
Uthe konke kuncike kakhulu ekutheni ubuholi bebandla busebenza ngokuzikhandla okungakanani.
Ngalolu suku kube khona amalungu amasha leli bandla abeliwamukela ngokusemthethweni okuyinto uSithathu athe imhlabe mxhwele kakhulu.
Ebebejoyina ibandla ubakhumbuze ngezimiso zebandla ukuba kumqoka kangakanani ukuba zigcinwe futhi zihlonishwe ngaso sonke isikhathi.
Ukhulume kabanzi nangokubaluleka kokuba abantu abasha baleli bandla babonakale beqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ePhakeme.
Uthe kuba lula ukuphumelela kumuntu omusha ohlome ngemfundo.
"Siyakholelwa kakhulu ekutheni imfundo iyikusasa eliqhakazile kubona bonke abantu abasha bethu,'' usho kanje.