UMFUNDISI odabuka eSwatini kodwa ogobe amadlangala eCongo, eNanda, ngenxa yobunyanga, uphinde wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngecala lokudlwengula elinye ikhasimende.
UMfu Khulekani Elliot Lukhele (32), ongaphandle ngecala lokukhotha nangokudlokodla ngomunwe ubuntu besiguli sakhe esigodlweni, ethi usikhipha isilwane, zimkhalele ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMtshebheni, eNanda, aphenya icala lokudlwengula kulandela isehlakalo lapho owesifazane oneminyaka ewu-30 kusolwa ukuthi udlwengulwe ngeSonto.
"Idokodo liyiswe ophikweni lwamaphoyisa aseNanda alwa nodlame lwasemindenini, ukuvikelwa kwezingane nezigameko zokuhlukumeza ngokocansi maqede umsolwa oneminyaka engu-32 waboshwa eNanda ngoMsombuluko. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu. Ugqunywe esitokisini uzobuyela enkantolo ngo-Okthoba 6, eseyocela ibheyili," kuphetha uLieutenant Colonel Gwala.
Kwenzeka lokhu nje, uLukhele, ungaphandle ngebheyili kaR3000 ngecala lokudlwengula aligqigqa enkantolo.
ULukhele usolwa ngokudlwengula nangokunukubeza ngokocansi intokazi yaseStanger ayayizofuna ukuba ayikhiphe isilwane.
Ngaphambi kokunikezwa ibheyili, umshushisi, uMnuz Siphamandla Dlamini, wafunda incwadi efungelwe yesisebenzi soMnyango wezaseKhaya emahhovisi aseMngeni, eThekwini, uNksz Nokwazi Sikhosana, eyayithi uLukhele ukuleli ngokungemthetho. UNksz Sikhosana wathi uLukhele wathola incwadi emgunyaza ukuba kuleli ngokusemthethweni kusukela ngoNovemba 2019 kuya kuDisemba 15, 2019. UNksz Sikhosana wathi kusukela lapho kuze kube yimanje uLukhele ubesehleli kuleli ngaphandle kwemvume.
IMantshi, uMnuz Dean Misrah, yamdedela emuva kwesicelo sobengummeli kaLukhele, uMnuz Sifiso Ngcobo, esasithi nguye owondlayo ekhaya, ushadelwe futhi unezingane ezinhlanu.