UZOSIFAKA ngoLwesihlanu oluzayo isicelo sebheyili umfundisi webandla laseZayoni osesitokisini ngecala lokushaya umkakhe esithweni sangasese.
UMfu Zamani Shozi (54) weGalile ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesihlanu olwedlule.
NgoMsombuluko uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza.
Umangalelwe ngowesifazane eligodliwe igama lakhe okuvela ukuthi ngenyanga edlule wamshaya wamlimaza kabi esithweni sangasese.
Kuthiwa waqala ngokumkhahlela maqede wambopha wase emshaya ngenduku esithweni sakhe sangasese. Lokhu kuthiwa kuholele ekutheni owesifazane agcine esopha.
Lesi sehlakalo kuthiwa senzeka ngesikhathi owesilisa ecathamela umgilwa emgwaqweni ongaphandle kwaseNewlands.
Kuyavela ukuthi babeshadile, kwakuwubukhazikhazi mhla beshada ngo-Okthoba nyakenye.
Kuthiwa uShozi wamshaya kabi wamlimaza lowesifazane ngoba esefuna isehlukaniso esethole ukuthi umbhangqe nenqwaba yabesifazane.
Owesifazane ubalwa nabesifazane abaningi okuvela ukuthi baba ngabagilwa bakaShozi njengoba ayehamba ebalobola bonke maqede abaqole nemali.
Isolezwe labika kabanzi ngalolu daba nyakenye ngoDisemba. IMantshi uM. Blose ithe icala lihlehliselwa uLwesihlanu oluzayo kusaqhutshekwa nophenyo.
Yaveza ukuthi uShozi uzoqhubeka nokugqunywa esitokisini kuze kufike lelo langa.
"Isicelo sakho sebheyili uzokwazi ukusifaka uma sewuvela ngokuzayo. Okwamanje kusanophenyo okumele luqhubeke," isho kanje.
UShozi ngesikhathi evela enkantolo ubebonakala ekhululekile engathukile.
Phambilini ubeke ezwakale eshumayela emisakazweni ehlukene yaKwaZulu Natal.
Ibandla lakhe linabazalwane abaningi kodwa kuvela ukuthi sekunoqhekeko kubazalwane ngemuva kokuba kuvele ukuthi uthandana nenqwaba yabesifazane.
Lo mfundisi waziwa ngokuphila impilo ewubukhazikhazi futhi uhamba ngezinhlobonhlobo zezimoto ezibizayo.
Kuvela nokuthi uhlala emzini obizayo endaweni yomntakabani eThekwini.
Ngo-2020 uke wavulelwa icala ngomunye wesifazane waseMgungundlovu ayemsola ngokumntshontshela amatekisi akhe.
Isolezwe likhulume naye owesifazane ongumgilwa obekhona enkantolo ngombandela wokuthi angavezwa okwamanje.
Ukhale ngesihluku esikhulu esikhonjiswe nguMfundisi kuyena. Wababaza indlela amshaya ngayo.