UMENGAMELI wezwe Cyril Ramaphosa usihlabe wasihlikiza isenzo sabesilisa abafuna ukulala nabesifazane ukuze babakhuphulele ezikhundleni.
URamaphosa uthe lesi sisenzo asamukeleki ngoba abesifazane kumele bakhokhelwe njengabesilisa.
“Ayiphele lento yokuthi ngoba abesifazane kumele bakhushulelwe ezikhundleni emisebenzini bese abesilisa befuna okuthile, ucansi. Abesifazane abathole amathuba alinganayo nawabesilisa,” kukhuza uMengameli uRamaphosa.
Uqhube wathi abesilisa basemathubeni okuthi bathole imisebenzi kalula kunabesifazane. Uyalele abesifazane be-ANC ukuthi kumele bangazithambisi kodwa babhukule bathole amathuba kwezomnotho ukuze baphathe amabhizinisi.
Wengeze ngokuthi ngabantu besifazane abaphethe imizi futhi banekhono lokwenza lokho nokunye. Ubalule nokuthi kumele bathole nomhlaba, babe yingxenye yohlelo lokulima ukuze bakhiqize ukudla kuleli.
“Singuhulumeni sizobaseka abesifazane ukuthi babe yingxenye yokuthi bakhiqize ukudla. Abesifazane kumele baqinisekise ukuthi ayalingana amathuba ezindaweni zokusebenza, wonke umuntu ahole imali elinganayo,” kusho uRamaphosa evala ingqungquthela yophiko lwabesifazane lwe-ANC eNasrec, eGoli.
Uthe uphiko lwabesifazane kumele kube yilona oluzohola phambili izinhlelo ezehlukene emphakathini.
“Abesifazane kwi-ANC kumele bathi makube nokulingana, kube u-50/50. Yinto esiphenduke isiko, alusekho uphiko kwi-ANC oluzogcwala kakhulu abesilisa kodwa kumele kulingwane. Kumele niqinisekise ukuthi kunokulingana njengoba neKhabhinethi kukhona ukulingana ngakwezobulili,” kusho uRamaphosa.
Uthe njengoba kuyiwa okhethweni lwangonyaka ozayo, abesifazane yibona abaningi ababhalisele ukuvota futhi yibona abaphuma ngobuningi babo uma sekuvotwa. Unxuse amalungu abekhethiwe kepha akhala ngaphansi kule ngqungquthela ukuthi abumbane futhi asebenzisane nabanye.