UKHATHAZWA yisibalo esiphezulu sabafundi abangasiqedi isikole uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
URamaphosa ubekade ekhuluma izolo, eGoli, kwiLekgotla mayelana nemiphumela ka-matric yakulo nyaka ayichaze njengegculisayo.
Uthe okumele kubekwe eqhulwini manje wuMnyango wezeMfundo kuzona zonke izifundazwe ezikhona eNingizimu Afrika, yingwadla yabafundi bakuleli ababonakala bengasiqedi isikole.
"Inkinga enkulu engikholwa ukuthi sonke sizithola sibhekene nayo, yisibalo sabafundi bethu abaqala amabanga aphansi kodwa bagcine bengazange bafinyelela ku-matric. Ngikholwa ukuthi le nkinga ingaxazululeka uma sonke singase sibambisane,'' usho kanjena.
URamaphosa uthe ngenhloso yokuthi kutholakale isixazululo salesi sihlava kumele kube khona ukusebenzisana phakathi koMnyango wezeMfundo nazo zonke izinhlaka ezithintekayo uma kukhulunywa ngezemfundo kuleli.
Eqhuba, uMengameli uRamaphosa ube esemethulela isigqoko uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo eNingizimu Afrika, uNkk Angie Motshekga.
"Ngiyakuhalalisela ngemiphumela emihle kangaka etholwe ngabafundi bethu ebebenza u-matric ngonyaka ka-2022. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi mkhulu kangakanani umsebenzi eniwenzile, ngqongqoshe nabo bonke abantu enibambisene nabo,'' echaza.
Mayelana nokwenza kahle kwezikole ezisemakhaya, uthe lokhu kubuyisa inhlansi yethemba ngekusasa eliqhakazile lezingane zasemakhaya.
Uthe kumele kushayelwe elikhulu ihlombe leli ukubonakala kwemiphumela engcono yezikole ezisemakhaya kanjalo nezisemalokishini.
"Kuyajabulisa kakhulu ukubona izikole ezisemakhaya kanjalo nezasemalokishini zenza kahle kwimiphumela ka-matric. Lokhu kubuyisa ithemba kubantu abaningi ngemfundo yethu eNingizimu Afrika,'' usho kanje.
Uthe kuyajabulisa ukuthi abafundi basemakhaya sebekwazi ukwenza kahle ezifundweni zabo kuze kube sengathi alikho igebe elikhona phakathi kwabo nalabo abafunda ezikoleni ezizimele.
Ukwenza kahle kwabafundi ku-matric, uthe kumkhumbuze isikhathi seBantu Education athe yayihlose ukucindezela izingane zabantu abamnyama.
Phezu kwawo wonke lawo maketanga, uthe namhlanje kubonakala iNingizimu Afrika engcono, ekwazi ukukhiqiza abafundi abakwazi ukugila izimanga ku-matric.
Uncome indima eklanywe ngothisha nohlaka olubunjelwe ukubhekelela ukuqhubeka kwemfundo eNingizimu Afrika.