KUBE wugingqigongqo phakathi kommeli omele izelamani zakwaNdimande nomshushisi woMbuso eNkantolo yeMantshi yaKwaManzini, eSwatini, kubangwa ukuqalwa kokulalelwa kwesicelo sokubuyiswa kwazo kuleli.
Izelamani, oMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMalusi Dave Ndimande, ziboshelwe icala lokuba kwelaseSwatini ngokungemthetho.
Kuleli zifunelwa elokubulawa komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe, uTebello 'Tibz' Motsoane nyakenye.
Ezobulungiswa zakuleli zisemizamweni yokuthi zibuyiswe ukuze zijoyina abasolwa abayisihlanu asebevele baboshiwe ngelika-AKA.
Kuqhubeka icala, ummeli wazo u-Advocate Tsotsi Mabila, ucele ukuthi lihlehliswe icala, ethi kwengezwe amaphepha amasha esicelweni sokubuyiswa kwazo eNingizimu Afrika.
Umshushisi woMbuso eSwatini, uMnuz Macebo Nxumalo, ukuphikisile lokhu, ethi akavele asho ukuthi akazilungiselele ngoba awekho amaphepha anezelwe.
UMabila uthe esuka wathi esinye isizathu ukuthi bafuna ukubiza ofakazi abazofakaza ngokuthi izelamani zisengcupheni yokubulawa ngamaphoyisa uma zibuyiswa kuleli.
UNxumalo uphendule ngokuthi: “Amaphuzu kazakwethu awaphelele. Akukho lapho achaza khona ukuthi lingubani iphoyisa elasabisa ngokubulala abasolwa nokuthi elakusiphi isiteshi.”
UMabila ube eseveza ukuthi lokhu abakushoyo bakususela enkulumweni okuthiwa yenziwa yiphoyisa elithize kunina wabasolwa, wathi laze lakhomba ngisho nendawo lapho bezongcwatshwa khona.
“Lokhu sikuthathela phezulu kwazise zikhona izihlobo zabo eseke zabulawa ngamaphoyisa phambilini,” kugcizelela uMabila.
Kubuye kwaqubuka enye impikiswano phakathi koMbuso nommeli kubangwa iphuzu lokuthi abasolwa bathi babengekho bona endaweni yesigameko ngesikhathi kubulawa u-AKA noTibz.
UMabila uthe umsolwa wokuqala wayelaliswe esibhedlela, owesibili wayehlala ngaphakathi esikoleni esafunda.
“Ukuze iphuzu lakho lizwakale, kufanele ingabe uyalisho igama lesibhedlela ayelaliswe kulo, usho nokuthi wayengeniswe nini, wakhishwa nini. Maqondana nalo othi wayehlala ngaphakathi esikoleni, nakhona kufanele ingabe uyalisho igama lesikole nesikhathi asihlala khona,” kusho uNxumalo.
UMabila usole uMbuso, ethi lolu lwazi luzotholakala kanjani izelamani ziboshiwe?
UNxumalo usole ummeli ngokungalaleli, ethi akashongo ukuthi ufuna kuyolandwa ubufakazi balokhu kodwa ubethi kufanele ingabe buyacaciswa encwadini efungelwe yabasolwa.
Icala lihlehliselwe u-Agasti 16.