UMBUSO uzimisele ukwenza konke okusemandleni ukuthi abasolwa ngokushisa amaloli bangayitholi ibheyili ngenxa yobucayi bamacala ababhekene nawo.
Abasolwa bangoMnuz Nelson Khulekani Shongwe (29), Sibusiso Emmanuel Mthethwa (38), Mnuz Fundile Alberta, Mnuz Mafika William Sibanda (61) noMnuz Nkosingiphile Nkosikhona Gumede (27).
Abalisa ababoshiwe bayamaniswa nokushiswa kwamaloli okuke kwadla lubi eMpumalanga, KwaZulu- Natal naseLimpopo. Bavele enkantolo yeMantshi e-Ermelo, emuva kokudliwa amasongo kaSigonyela ngamacala okubamba inkunzi, ukucekela phansi impahla, itulo lokwenza ubugebengu nawokuphatha izibhamu ezingekho emthethweni. Kuvela ukuthi bonke abalisa bangamalungu e-African Truck Drivers Forum.
Abasolwa bavele enkantolo ukuze kuqinisekiswe amakheli abawalethele ukuthi bahlala kuwona. UMbuso uthe umi ngomumo ukuqhubeka nodaba kodwa abameli bacela ukuthi kuhlehliswe ukuze balungiselele isicelo sebheyili.
UMbuso umi kwelokuthi abasolwa bahlangana, bahlela ukushisa amaloli ngenxa yokuthi babenezikhalo ezithile ngomsebenzi wabo. Kugcine kuthathwe isinqumo sokuthi icala lihlehliselwe u-Agasti 10, lapho abasolwa bezofaka isicelo sebheyili ngokusemthethweni bese kuphikiswana, kushiyelwe emantshini ukuthi ithathe isinqumo.