UMBUSO uthi akafanelwe wukudedelwa ngebheyili uMnuz Emmanuwela David, owummangalelwa wokuqala ecaleni lokugqekezwa kwebiwe imali engamadola eplazini likaMengameli Cyril Ramaphosa.
U-David ungowokudabuka eNamibia, kusolwa ukuthi wahlangana nomsebenzi waseplazi likaRamaphosa okunguyena owayazi ngemali eyayigcinwe khona. Uyawaphika wonke amacala, uthi akazi nokuthi bamsuka ngaphi.
Ubefaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi, eBela Bela eLimpopo. Usolwa ngokuba wungqondongqondo ekugqekezeni futhi kuthiwa wayehamba ethenga izimoto nemizi emuva kwesigameko.
UMbuso ubize ufakazi wawo ongumphenyi wecala, u-Lt Colonel Ludi Schnell, owethule ubufakazi obucindezela uDavid. Umchaze ngokuthi uxhumene nabantu abaningi abaphuma bengena kuleli ngokungemthetho, okungenza kube lula ukuthi abaleke.
Umphenyi uthe kunobufakazi bamaselula obukhomba ukuthi uDavid wayekhona endaweni yesigameko ngosuku esenzeka ngalo. Ubufakazi bamaselula buveza nokuthi wayexhumana kakhulu nabanye aboshwe nabo.
Kuvela nokuthi wayenemali eningi eyifaka nasebhange lakhe, epha abangani nezihlobo.
Kuvele nokuthi uDavid, wake wagqunywa ejele eNamibia emuva kokuthi eqe umngcele ngokungemthetho eyobona uninakhulu egula. Kuvele nokuthi wake walahlwa yicala lokuphuza esidlangaleni