UMASIPALA weTheku uzosebenzisa umbukiso wamabhizinisi, iDurban Business Fair (DBF), ukuletha ongoti bemikhakha eyahlukene ukuthi bafundise ngamakhono nezindlela ezintsha zokusebenza kosomabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi bayasimama yize isimo somnotho sinzima.
Lo mbukiso uzokhombisa ngemikhiqizo eyenziwe kuleli engaphezu kuka-520, kusuka namhlanje kuya ngeSonto eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre naseDurban Exhibition Centre.
Kuzoba nohlelo olukhethekile lwezolimo lwezinsuku ezintathu, olubizwa nge-Agri Zone. Luzocija abazohambela umbukiso ngamakhono okulima izingadi ezindaweni zasemadolobheni, izindlela zokulima ezisimeme nezindlela ezintsha zokulima.
Izithangami zizoholwa ngongoti abazochaza ukuthi zingalinywa kanjani izingadi zokudla ngendlela engambi eqolo kusetshenziswa izindlela ezahlukene zokutshala njengemisele, ukutshala izingadi ezindaweni ezimise okodonga noma imibhoshongo, emathayini naseziqukathini.
Kuzofundiswa nangezindlela zokuthuthukisa imikhiqizo yokudla, ukufuya izilwane zasemanzini nezinye izinhlelo zolimo.Lokhu kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele emakhaya kanti uma umkhiqizo umningi, kungaba nayithuba lokuzenzela amasentshana ngokudayisela omakhelwane.
I-International Pavilion, onhloso yayo kuwukwakha amathuba okuhwebelana namazwe angaphandle, izoba namazwe awu30 okubalwa kuwona iPortugal, Belgium, Austria, Reunion Island, Congo, Nigeria, India, Ethiopia, Ghana ne-Angola.
UGugu Bhengu, weGugu Mobile Boutique eyenza izingubo nemikhiqizo yokuzihlobisa yesintu eyenziwe ngezandla, ujabulile ngokuthi uzophinde akhombise ngomsebenzi wakhe kulo mbukiso.
“Ngiqale ukungenela lo mbukiso ngo-2015 futhi usube nomthelela omuhle ebhizinisini lami. Ngiyajabula ukubona i-International Pavilion ikhuza ibuya ukuzosiza ngamathuba okuhwebelana namazwe angaphandle. Ngithole ama-oda amaningi futhi ngaxhumana nezivakashi zakwamanye amazwe emibukisweni eyedlule. I-DBF isiza ukusixhumanisa namathuba abalulekile okuthuthukisa amabhizinisi ethu. Ngizokhangisa emcimbini wengqephu, iSeychelles Fashion Week, ngiphinde ngihambele ingqungquthela yamabhizinisi eMauritius maduze,” usho kanje.
I-Beauty and Make-up Masterclass, ezokwenziwa yi-Edgars Beauty, izofundisa ngokuzicwala ubuso mahhala kwabafisa ukungena kule mboni abazohambela lo mbukiso.
Okunye okuzothakaselwa yizihambeli yimakethe yasemgwaqweni lapho kuzoba nabathengisi bokudla kwalapha eThekwini kodumo. Njengengxenye yale makethe kuzoba nezinhlelo ezifana nezezitsha zobumba, ukupenda nemakethe yezobuciko nemisebenzi yezandla.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe: “Kulo nyaka, ngemuva kobhubhane iCovid-19, ukuthuthukiswa kwamakhono yikhona okuzobe kuphambili kulo mbukiso. Sibeke eqhulwini amakhono afana nawezolimo nawemboni yezobuciko ukuze sihlomise abantu ngamakhono okuthi baziphilise emiphakathini yabo.”
Ezinye izingqungquthela ezizobe zikhona ngeyamabhizinisi, eyokuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho, iTechZone, Furniture Pavilion, imibukiso yemfashini, iFlavours of Durban, Kiddiepreneur Corner, Creative Hub nokunye okuningi.
Isolezwe liphisana ngamathikithi okuya kulo mbukiso. Ukuzibeka ethubeni lokuziwinela amathikithi, thumela igama elithi "ISODFF" ku-33258, iSMS ibiza uR1.50.
Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa namuhla ngo-12 ebusuku.
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngalezi zinhlelo ezahlukene noma ukuqinisekisa ukuthi uzobe ukhona, thumela i-email ku: [email protected] noma ushayele ku: 031 266 9937 noma ku: 082 659 4937.