UKHALA ngokudicilelwa phansi kwesithunzi sakhe umvangeli webandla laseZayoni, othi ubhaxabulwe ngumbhishobhi ngemvubu emsola ngokuthi weshela umkakhe.
Umvangeli onxuse ukuba ligodlwe igama lakhe, uyilungu lebandla elibizwa ngokuthi iNtethelelo elisePort Shepstone, uthi uzizwa ethunazekile. Uma elandisa uthi ngesonto ubesenkonzweni njengenjwayelo ngesikhathi umholi webandla, uMbhishobhi Vusimuzi Khumalo etshela amalungu ebandla ukuthi umvangeli weshela umkakhe, uNkk ZesuliweKhumalo.
Uthi abazalwane bavele baxwaya, abanye bathi akashawe. Uthi kungalesosikhathi uKhumalo edonse imvubuwamxebula kubuka abazalwane.Umvangeli uthi ngenxa yokushuba kwesimo uphume ngesamagundane.
“Mina ngibona sengathi yitulo lokuthi ngixoshwe ebandleni ngoba yimina ngedwa osebuholini bebandla ofunde wagogoda esikoleni sebhayibheli futhi onomatikuletsheni,’’ usho kanje umvangeli.
Ubuzwe yiphephandaba kungani umbhishobhi emyamanise nokweshela umkakhe, wathi ngumkambhishobhi othanda ukuzidlisa satshanyana kuyena ngoba ekhala ngokuthi umyeni wakhe uyamhlukumeza futhi akamenelisi ocansini.
Ubuzwe ukuthi ngabe yena wenelisa umkambhishobhi ngocansi, waphika wathi bebengakaze bazithole bembethe ndawonye.
“Le ndoda kufanele ngabe iyangihlonipha kabi ngoba ukube ngingomunye umuntu ngabe ngilalile nomkayo kodwa lokho angizange ngikwenze ngoba ngiyazihlonipha naye futhi ngiyamhlonipha,’’ uphendule kanje umvangeli.
Isolezwe ngoMgqibelo likhulume noMbhishobhi Khumalo wavuma ukuthi umxoshile umvangeli ngemva kokumxebula ngemvubu. Wathi akazwani nendoda eyihlongandlebe kwelakhe ibandla. Uphikile ukuthi uyamhlukumeza umkakhe wathi umvangeli uzama izaba zokungcolisa igama lakhe.
Maphakathi nenkulumo, uMbhishobhi utshele iphephandaba ukuthi lizikhulumele mathupha nomkakhe.
UmkaMbhishobhi uthe bebengamathe nolimi nomvangeli wathi kodwa bebengajoli. Uthe akasoze ajola nendoda ethi ikholiwe kodwa ehlulwa wukondla izingane zayo.
Kunelungu lebandla elicele kugodlwe igama lalo, elipotshoze ukuthi umvangeli uthandwa yinqwaba yamakholwa ngenxa yezinhlelo ezinenqubekela phambili azikhuthazayo. Lathi umvangeli akadlulwa yisiketi futhi unenqwaba yezintombi esontweni. Lathi lokhu kuholele ekutheni azibangele isigcwagcwa kuKhumalo oyinhloko yebandla.