KUPHAZAMISEKE ukufundaK nokufundisa izolo esikoleni sakwa-E eMlaza, iKing Shaka High kulandela umbhikisho wabafundi nabazali ebebedinwe begane unwabu.
Abafundi nabazali bavale amasango esikole bekhala ngothishanhloko walesi sikole, bemsola ngokuhlukumeza, bethi bafuna ahambe. Bamsola ngokusebenzisa induku ngendlela ecashile, nokuyinto ekade yavalwa ezikoleni.
Omunye wabazali ocele ukuthi igamalakhe lingadalulwa, uthe kusuka ngonyaka odlule uthishanhloko ubizela abafundi uhlaka lomphakathi olulwa nobugebengu ukuthi luzobashaya uma kukhona okungahambi kahle abakwenzayo.
Phakathi kwezizathu azibalile uthe lokhu kwenzeka njalo uma kukhona abafundi abasolwa ngokusebenzisa izidakamizwa ngaphakathi emagcekeni esikole.
Lolu hlaka lubizwa futhi uma abafundi bengayihloniphi imithetho yesikole, okbandakanya ukuhlonipha othisha.
“Ngokolwazi lwethu, induku kade yavalwa ezikoleni zakuleli. Siyabona ukuthi ngale ndlela enza ngayo, uzama ukuthi iqhubeke induku esikoleni,” kusho umzali.
Uthe basola ukuthi uthishanhloko njengoba ebiza lolu hlaka ukuthi kube yilo oluzoshaya abafundi abangezwa esikoleni, yingoba ufuna ukuthi igama lakhe livikeleke eMnyangweni wezeMfundo ngalolu daba ngoba induku yavalwa ezikoleni.
“Wenzela ukuthi kungabi nguye noma othisha abashaya izingane, kodwa zishaywe amalungu omphakathi ayiforamu” kushoumzali.
Uthe ngokuqonda kwabo, zikhona izindlela okufanele ngabe uthishanhloko uyazisebenzisa ukubuyisela izingane ezingezwa emgqeni.
“Nginesiqiniseko sokuthi ziningi ezinye izindlela angazisebenzisa ukujezisa izingane, hhayi ukuthi azibizele abantu bangaphandle ukuba bazozishaya,” kusho yena.
Uthishanhloko osabambile, uMnuz Phelelani Sukude ethintwa yiSolezwe unqabile ukuphawula.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolu daba mina,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uhlaka olulwa nobugebengu emphakathini lungezinye zezinhlaka zomphakathi eziqinisekisa ukuphepha emphakathini.
"Indawo efana nesikole nayo ingalucela usizo kulolu hlaka, kuncike ekutheni abafundi baziphethe kanjani. Yize kunjalo, asikuphasisi ukusetshenziswa kodlame," kusho uMahlambi.