OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Thabo Mbeki, uthi isinqumo se-ANC sokuvotela ukuthi uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, angaphenywa ngesigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe, sikhombisa ukuthi i-ANC iyazi ukuthi uRamaphosa unecala.
UMbeki uthe ukube i-ANC iyazi ukuthi uRamaphosa akanacala ibizovumela ukuthi aphenywe ukuze ageze igama lakhe. Ukusho lokhu encwadini engamakhasi awu-17 ayibhekise ebuholini obuphezulu be-ANC.
Encwadini efundwe yiSolezwe, uMbeki uthe i-ANC kwakungafanele isebenzise ukuba nezihlalo eziningi ePhalamende, ukuvimbela ukuthi uRamaphosa aphenywe.
Ngonyaka owedlule i-ANC yavotela ukuba kuchithwe umbiko wethimba elaliholwa ijaji eselathatha umhlalaphansi uJaji Sandile Ngcobo, owathola ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona imithetho ayephula uRamaphosa.
Kunezinsolo zokuthi amaphoyisa awazange abikelwe ngesigameko lapho kwalahleka khona izishaqane zamadola aseMelika. Kuphinde kube nezinsolo zokuthi kwasetshenziswa izinsiza zoMbuso wakuleli, ukulandela abantu abashaya bachitha nemali, okuthiwa batholakala eNamibia.
Muva nje amalungu e-ANC ePhalamende, aphinde achithe isiphakamiso sokuthi kusungulwe ikomiti ebelizophenya uRamaphosa.
UMbeki uthe ukuchithwa kombiko kaNgcobo, nesiphakamiso sokuthi kuqalwe uphenyo kukhombisa ukuthi i-ANC iyamvikela uRamaphosa.
Ufanise isenzo nendlela amalungu e-ANC avikela ngayo loyo owayengumengameli ngaleso sikhathi uMnuz uJacob Zuma, ngesikhathi kunomsindo ngokuqiniswa kwezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.
“Njengamalungu e-ANC kufanele engabe sikholelwa ekutheni umengameli wethu akazange aphule umthetho. Uma sikholelwa ekutheni akazange aphule umthetho, bekufanele sivume ukuthi kuqalwe uphenyo ngoba yilona obeluzogeza igama lakhe.
“Ngabe isinqumo sokuphikisa ukusungulwa kwekomiti elizophenya asithumeli yini umyalezo othi nathi siyakholelwa ekutheni kukhona imithetho ayephulile umengameli? Yimuphi umyalezo esiwuthumelayo kubantu?,” ngokombhalo wencwadi.
UMbeki uthe uma i-ANC ingabhekile abantu bazogcina beyifulathela.
Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukugxekile ukuputshuzwa kwencwadi kaMbeki. Uthe basazohlela ukuhlangana noMbeki ukuze bezwe kahle izikhalazo zakhe.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba.
“Kayikho into esizoyisho kuze kube sihlangana noMbeki. Ngiyazi ukuthi kukhona amalungu enhlangano azolingeka afune ukuphendula incwadi kaMbeki kodwa siyawanxusa ukuba angavumi ukulingeka,” kuphawula uMbalula.