KUQUBUKE umsindo kubangwa imali yomnikelo phakathi komsakazi woKhozi FM, nomfundisi webandla iSoul Winning Community Church.
Umfundisi Thulani Mdladla, ukhomba ngenjubane uSelby “Selbeyonce” Mkhize woKhozi FM, ngokuthi uhlomule ngoR50 000 kungafanele esikhwameni senhlangano engenzi nzuzo engaphansi kwebandla lakhe, iSoul Winnings Community Project (NPO). Le nhlangano izinze eMawoti, eNanda, yaziwa ngokusebenzisana noMnyango wezeMpilo kwaZulu-Natal, ukulekelela abantu abadla imishanguzo yezifo ezingamahlalakhona.
Umfundisi Mdladla uthe uSelbeyonce ubewine uR100 000 emncintiswaneni weSABC 1, iDeal or no Deal ngasekuqaleni kukaJanuwari nonyaka, wanikela ngawo enhlanganweni yabo engenzi nzuzo.
“Ngesikhathi engena emncintiswaneni ufike wakuqinisekisa ukuthi uwungenele ukuze anikele enhlanganweni yethu. Ngenhlanhla uwine u-R100 000. Leyo mali ifakwe kwi-akhawunti yeSoul Winning Community Projects. Besihlele ukukhokhela iParkhome (ihhovisi elingumahambanendlwana). Sigcine sikhiphe uhhafu kaR100 000 ngenxa yokuthi enye imali ithathwe nguSelby akasafuni ukuyibuyisa,” kuchaza umfundisi Mdladla.
Uthe uSelby ufike kubona wafuna ingxenye yemali, wathi kumele ahlomule, bamnqabela. Uthe ugcine eseqhamuka nesizathu sokuthi uxakwe ngumashonisa ucela bamboleke uR50 000, uzowubuyisa.
Ngemva kwalokho umfundi uthi uSelby ushaye wachitha wangabe esayibuyisa.
“Nowamkhiphela imali oyilungu lekomiti lenhlangano usevele wasula okwenza sibone sengathi kukhona ubugebengu abebehlangene ngabo. Kwakhona ukuthi imali yakhishwa kunguMgqibelo ebhange kushayisa amakhala ngoba inhlangano ayisebenzi ngempelasonto. Sesibhalele abeLotto Star, nabePrime Media okuyibona abasikhokhela le mali,” kuqhuba umfundisi Mdladla.
Kuthintwa uSelbeyonce uthe akukho mali ayithola kodwa umuntu oyiqili ngumfundisi.
“Njengoba ngangithe imali engiyiwinile nginikela ngayo enhlanganweni, kwaba kanjalo ngempela. Abantu engixhumene nabo ekomitini lenhlangano yibona abangibiza bathi bacela ngilekelele ukuthi imali isheshe isetshenziswe ukuthenga iParkhome ngoba umfundisi ufuna ukuyidla. Bangitshela ukuthi isiningi imali esidliwe ngumfundisi okunikelwa ngayo kule nhlangano zigcine zingenziwanga izidingo zayo. Impela imali enguR50 yakhishwa ebhange kunguMgqibelo sayokhokhela iParkhome. Okwenza singakwazi ukulinda, ukuthi umfundisi ubefuna ukuyithatha yonke njengenhlalayenza,” kusho uSelbeyonce.
Isolezwe Ngempelasonto linabo ubufakazi be-Invoice ekhokhelwe inkampani edayisele le nhlangano iParkhome. Kuyona kuvela ukuthi kukhokhwe uR50 000. Kwamanye amaphepha kuvela ukuthi imali ifike kule nhlangano ingu-R87 630 ngenxa yentela.
Umfundisi Mdladla uthe kumanje isahleli lapho ithengwe khona futhi ababadayisele bathi sebezoqala ukufaka imali yokuthi babagcinele yona engu-R120 ngosuku, ngenxa yokuthi kudingeka imali athi ithathwe wuSelbeyonce.
USelbeyonce uthe ngokwazi kwakhe iParkhome ingu-R70 000. Wathi ngesikhathi bekhokha uR50 000 ikomiti lenhlangano limtshele ukuthi lizobuye liwukhokhe uR20 000, lathi enye imali lizogcina ngayo izidingo zenhlangano.