UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukhalima iphini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, ukuba lingakhulumi ngokugaqela kwalo isikhundla sokuhola i-ANC.
UMbalula uthe akekho umholi we-ANC okufanele akhulume indaba yokugaqela izikhundla.
I-ANC izokhetha ubuholi obusha ngo-2027.
UMashatile usanda kutshela abezindaba ukuthi uzowungenela umbango wesikhundla sikamengameli we-ANC uma igama lakhe liphakanyiswa amagatsha.
UMbalula uthe asikafiki isikhathi sokuthi kukhulunywe ngombango wezikhundla, wathi amalungu e-ANC kufanele agxile ekukhankaseleni ukhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, lapho ebethula khona izinqumo ezithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu.
UMbalula uthe umhlangano wesigungu esiphezulu unqume ukuthi kuvinjwe amalungu ukuthi akhulume ngombango wezikhundla.
“Ngokwemigomo ye-ANC, asiyifuni into enje. Asifuni ukuthi kube nabaholi be-ANC abazophendula imibuzo emayelana nombango wezikhundla. Wonke amalungu e-ANC kufanele azikhathaze ngokuhanjiswa kwezidingo ebantwini, ukwehliswa kwezindleko zokuphila, nokunye. Sizofika isikhathi sokukhuluma ngombango wezikhundla. Akukwazi ukuthi siqale manje ukukhuluma ngombango wezikhundla.
“Njengamanje kufanele silungiselele ukhetho. Kufanele sibhekane nokwakha kabusha i-ANC. Sithole imbibizane okhethweni olwedlule. Uma sizogxila embangweni wezikhundla, izosiphinda imbibizane. Ngeke sikwazi ukuyivika uma sizogxila embangweni wezikhundla,” kuxwayisa uMbalula.
UMbalula uthe bazothathelwa izinyathelo abaholi benhlangano abazokhuluma ngombango wezikhundla.
“Sidwebe umugqa, bazozibona ukuthi bafana nobani abazozama ukuweqa. Ngisho uphiko lwentsha, olwabesifazane namadlelandawonye, sizobatshela nabo ukuthi abavumelekile ukukhuluma ngombango wezikhundla. Alikho ilungu le-ANC elivumeleke ukukhuluma ngombango wezikhundla.”
UMbalula uthe bakhulumile noMashatile ngololu daba.
“Akukho okubi akwenzile. Ubuzwe umbuzo, wawuphendule. Ubuzwe ngalento, namfaka ngekhanda. Nimbuze ukuthi uzowungenela yini umbango wokuhola i-ANC, waphendula ngokuthi uzovuma uma kuphakamiswa igama lakhe. Sixoxile naye, saluxazulula udaba. Unikeze incazelo, nganeliseka. Eqinisweni akukho okubi akushilo, inkinga nje ukuthi inkulumo yakhe ingasusa umbango wezikhundla.”