UFAKE incwadi yokwesula kwi-Democratic Alliance (DA) nakwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal, oyilungu eliqavile kuleli qembu, uNksz Mbali Ntuli. Le ncwadi uyifake khona namuhla.
Enkulumeni ekhethekile abe nayo neSolezwe izolo ntambama, uNksz Ntuli osehlale kuleli qembu iminyaka engu-15, uthe sesifikile isikhathi sokuthi ayosebenza nomphakathi ngezindlela ezahlukene. Uthe kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi uma kusetshenzwa ndawonye eqenjini, imibono ibuye ihlukane.
“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi imibono yakho ngokusebenzela umphakathi ayiyitholi kahle indawo lapho osuke ukhona. Yikho ngithathe isinqumo sokuthi ngiyishiye i-DA,” kusho uNksz Ntuli.
Uveze ukuthi ubesevele ezizwa engaseyona ingxenye ephelele ye-DA. Uthe phakathi kwezinto afuna ukuzenza, ukusebenzisa ulwazi analo ukufundisa futhi achushise abantu ngezindlela zokuzisimamisa empilweni futhi ababeke ebalazweni.
Uthe uzogxila kakhulu kubantu abahlala ezindaweni zasemakhaya kanjalo nasemalokishini. Walile ukuphawula ngodaba lokuthi kungenzeka ukuthi ushiya kwi-DA ngoba engowohlanga kuleli qembu elithathwa ngokuthi lilawulwa ngabamhlophe.
Ugcizelele ukuthi uyazigqaja ngomsebenzi awenzele umphakathi iminyaka engu-15 ekwi-DA.
UNksz Ntuli ujoyine leli qembu esafunda eNyuvesi iRhodes, eneminyaka engu-19. Waba wusihlalo wokuqala wophiko lwentsha kwi-DA kuzwelonke, wagcina esengumholi walo. Useke waba yikhansela le-DA kuMasipala iTheku. UNksz Ntuli usemnkantshubomvu kwezepolitiki njengoba eseke waphatha izikhundla ezihlukene kwi-DA KwaZulu-Natal nasesiShayamthetho.