IMEYA yoMasipala waseMvoti, uMnuz Philani Mavundla, uthathela izinyathelo zomthetho umholi wababhikishi abasabisa ngokumisa ukusebenza komkhandlu uma engehli esikhundleni.
Abameli bakaMavundla sebebhalele owayehola umbhikisho wangesonto eledlule, uMnuz Sibongiseni Shange, bemcela ukuba achaze ngezinye zezinsolo ezenziwa ngababhikishi ngoMavundla.
Lokhu kudalulwe uMavundla ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo.
Ngeledlule, uShange wahola umbhikisho owawulibangise emahhovisi oMasipala waseMvoti.
Ababhikishi basola uMavundla ngenkohlakalo.
Ohlwini lwezikhalazo, ababhikishi babuza ukuthi ngabe uMavundla uhlela ukusebenzisa uR3 million owabelwe ihhovisi lakhe ukulungisa uphahla enxanxatheleni yezitolo zakhe, iMavundla Square, eseMdlovane?
Ilezi zinsolo ezidonsele uShange amanzi ngomsele njengoba abameli bakaMavundla sebemyalele ukuthi achaze ukuthi babeqondeni ngalokhu.
UMavundla uthe uShange unikezwe izinsuku ezimbili ukuba aphendule.
“Kufanele lithi liphela leli sonto sibe sesiyitholile impendulo ngoba lokhu kuyaphuthuma. Uma engaphenduli ngalezi zinsuku esimbekele zona sizokuya enkantolo okuyiyo ezomphoqa ukuthi aphendule.”
UShange uthe noma ebengakayitholi incwadi yabameli bakaMavundla, ubesetsheliwe ukuthi iyeza.
“Bangitshelile ngesikhathi ngikhuluma nabo ocingweni. Mina into engibatshele yona ukuthi asizange sithi uMavundla uzothatha imali yomkhandlu ayolungisa inxanxathela yezitolo zakhe. Kwakuwumbuzo njengoba sasebenzisa igama elithi ‘noma’.”
Ababhikishi babekade benikeze uMavundla izinsuku eziyisikhombisa ukuba ehle esikhundleni.
Lezi zinsuku zizophela ngoLwesine. UShange uthe emva kokuthi sebefunde izimpendulo zomkhandlu bazokube sebethatha isinqumo sokuthi ikuphi abazokwenza.
Izolo, amaphoyisa abesiqaphe ngolokhozi isimo emahhovisi omasipala.
UMavundla uthe njengoba ababhikishi basabisa ngokuvala umasipala, uthe ezokuphepha seziqinisiwe.
UMavundla uthe okunye okwenza isimo sibe mazonzo kulo mkhandlu ukuthi kusalindwe isinqumo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, sokuba kuxoshwe amakhansela asolwa ngokulova.
La makhansela aqhamuka kwi-IFP nelilodwa eliqhamuka kwi-ABC.
UMavundla usole amanye amakhansela omkhandlu ngokugovuza abantu ababeyingxenye yombhikisho wangesonto eledlule.
UMavundla uthe banobufakazi obuchaphazela amakhansela omkhandlu amathathu ngokugovuza ababhikishi, wathi la makhansela azothathelwa izinyathelo.
“Ababili babo sinezinkulumo zabo zeWhatsApp lapho babehlela khona umbhikisho. Owesithathu yena akanawo uWhatsApp, kodwa sinabo obunye ubufakazi obumyamanisa nokuhlela umbhikisho. Umthetho olawula ukuziphatha kwamakhansela awuwavumeli amakhansela ukuthi ahlele imibhikisho. La makhansela azothathelwa izinyathelo.”