UMASIPALA weTheku uxwayisa abantu baseThekwini ngezigebengu ezizenza abasebenzi bawo abazofaka amamitha anobuchwepheshe besimanje.
Lokhu kuza emuva kokuthi umasipala ememezele uhlelo lokufakwa kwamamitha amasha ahambisana nohlelo lokuthuthukisa ubuchwepheshe kumasipala.
Kuxwayiswe izakhamuzi zaseThekwini ukuthi uma kufika abantu abathi basebenzela uMasipala weTheku bazofaka amamitha amasha, kufanele abantu bacele ubufakazi bokuthi basebenzela umasipala.
Lesi sixwayiso siza emva kokuthi uMasipala weTheku uthole izikhalo zokuthi kunezigebengu ezizenza abasebenzi bakamasipala nosonkontileka bese begila abantu.
“Njengomasipala onakekelayo, sibeke eqhulwini ukuphepha kwezamakhamuzi zethu. Umasipala uzosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuze ziphenyisise lolu daba,” kusho uMasipala weTheku.
Kugqugquzelwe izakhamuzi zeTheku ukuthi ziqinisekise ukuthi abantu abathi bazokwenza umsebenzi kamasipala basebenzela wona ngempela.
Lokhu bangakwenza ngokushayela amahhovisi ezokuvikela kamasipala kulezi zinombolo ezilandelayo:
Revenue Protection Central Office:
031 311 6533
031 311 6536
031 322 3945
Revenue Protection Northern Office:
031 311 5525
031 322 9394
Revenue Protection Southern Office:
031 311 5028
031 311 5035
031 311 5033