USUZOLUTHOLA eduze ulwazi nezinsiza kufunda umphakathi waseMaoti, eNanda, uMasipala weTheku owethulelwe umtapo wolwazi obize uR24 million, izolo.
Ubugibela noma uhambe amabanga amade ngezinyawo umphakathi wakule ndawo uya kwimitapo yolwazi yasePhoenix, Ohlange noma edolobheni.
Lo mtapo umumatha abantu abangu-120 kodwa kuzovunyelwa abawu-50 ngenxa yeCovid-19. Unabasebenzi abangu-11 yize bebewu-130 abebeyitoho wakhiwa.
Zibiza uR15 million izincwadi ezizotholakala kulo mtapo, nezikaR9 million ezitholakala kwikhompyutha.
Abahlanza lesi sakhiwo inkampani ewumfelandawonye womphakathi.
Eyadini lale sakhiwo kunendawo enemishini yokuzivocavoca, inkundla ye-netball ne-basketball neWiFi yamahhala. Ngaphandle kwesango kunompheme nendawo yokuhlala yomphakathi osebenzisa iWiFi.
Ikhansela lakule ndawo eku-ward 53, uMnuz Bongani Qhantsi, uthe umphakathi ubuhamba amabanga amade uyohlwaya ulwazi, abanye belinyazwa endleleni.
Unxenxe umphakathi ukuba usivikele futhi usisebenzise ngendlela efanele isakhiwo sawo.
Imitapo yolwazi yaseThekwini ilahlekelwa izincwadi engabiza uR3 million minyaka yonke. Ziyebiwa ezinye zicekelwe phansi.
Lo mtapo unamakhamera yonke indawo, kukhona ne-generator enkulu esebenza uma ugesi uphelile.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, odabuka eNanda, ephelezelwa ubuholi bedolobha namakhansela, bavule lesi sikhungo.
UKaunda uthe akusona isakhiwo sikamasipala lesi kodwa esomphakathi.
"Sesizokwakha imitapo efuze lena eThekwini esebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Sizosebenzisa umtapo siqhuba uhlelo lokubuyisana kwabantu, sakhane sisebenza ngokubambisane. Umphakathi awuvikelwe umtapo ngoba ungowawo," kusho uKaunda.
Uxwayise ngokuthi akuyona indawo yokujola umtapo wolwazi, kodwa isizinda sokuthi abantu bazithuthukise ngolwazi.