SABELO NSELE
IMEYA yaseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, igxeka abakokotela ugesi ngokushona kwabafana abathathu emijondolo yaKwaJika Joe, abashone ngempelasonto.
U-Enerst Dewa (8), Buhlebuyeza Jili (8) noGift Dlamini (6) bashona emuva kokushaywa wugesi bebhukuda emfuleni onqamula phakathi kwale mijondolo.
Izolo uThebolla uhlangane nemindeni yalaba abathathu, lapho eveze khona ukuthi umasipala ulahlekelwa yizizumbulu zemali ngenxa yomonakalo odalwa ugesi okokoteliwe kwingqalasizinda.
“Isonto nesonto, hlezi sisusa zonke izintambo ezixhunywe ngokungekho emthethweni. Inkinga ukuthi sibhekene nongqondongqondo la. Akupheli ngisho amahora amabili sikade sizinqamulile lezi zintambo, baphinde bazixhume futhi.
“Hlezi sishumayela emiphakathini, sicela iyeke ukuxhuma ugesi ngokungekho emthethweni.
“Izingane ezingenacala sezilahlekelwe imiphefumulo. Ubani okufanele athweswe icala ngalokho? Akufanele kusolwe thina.”
UThebolla uthe umasipala usebenzisa imali ewuR700 000 njalo ngonyaka ukulungisa umonakalo odalwa ukukokotelwa kukagesi.
“Silahlekelwa yizigidi zamaRandi minyaka yonke ngenxa yabantu abantshontsha ugesi.”
Uthe umasipala uyazama ukuhlinzeka izakhamuzi zakule ndawo ngendawo yokuhlala ephephile.
Uthe kunamafulethi azoqedwa maduze ukwakhiwa, azohlomulisa labo abahola kancane abahlala kule ndawo.
UThebolla uthe okwenza kube nzima ukuqeda imijondolo ukuthi iningi labantu abahlala kuyona, livele linazo izindlu zomxhaso elokishini iFrance, elazithola eminyakeni engu-10 eyedlule.
“Kodwa iningi labo lakhetha ukuqashisa kulezo zindlu, abanye bazidayisa.
Umasipala wakhela abantu baKwaJika Joe izindlu eziwu-3 000 elokishini laseFrance. Abantu ababehlala KwaJika Joe ngesikhathi kwakhiwa le zindlu eziseFrance, bahlomula.”