ZISHIYE kukhalwa ezingxenyeni eziningi zezwe izehlakalo zokushona nokugula kwabantu ikakhulu izingane, okukholakala ukuthi kudalwe ukudla ezisuke zikuthenge ezitolo, okugqame eziphethwe ngabokufika kuleli.
Izibalo ziveza ukuthi bangu-41 abantu asebeshonile phakathi kukaSepthemba, noNovemba kulo nyaka, kanti kubona zingu-38 izingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu no-11.
Isigameko esivule abaningi amehlo, esenzeke ngo-Okthoba, e-Gauteng, elokishishini eliseSoweto, i-Naledi. Kushone khona izingane eziyisithupha okukholakala ukuthi kwaba ngenxa yamashibusi ezaziwathenge esitolo sowokufika wasePakistan.
UZinhle Masilela, Isago Mabote, Monica Sathege, Njabulo Msimango noKarabo Rampou impilo yabo isheshe yadlula ngenxa yale nhlekelele.
Imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu zabagilwa, iveze ukuthi badla uhlobo oluthile lwekhemikhali eyingozi yokubulala izinambuzane esetshenziswa abalimi, i-organophosphate.
Izigameko zokushona kwezingane zisabalale nakwezinye izindawo njengoba kuthe ngo-Okthoba 30, kwashona izingane ezintathu, ezimbili zandawonye okungu-Owami (6) noHope (9) okukholakala ukuthi zathenga okudliwayo kodayisa esikoleni abebefunda kuso eSonqoba Primary, esiseKatlehong, ngaphansi kukaMasipala waseKurhuleni.
Abafundi abangu-43 basesikoleni iNgaqa Primary, eMtubatuba, bangeniswe esibhedlela begula emva kokuthi kuthiwa belunywe yizisu. Kusolakala ukuthi bebedle amashibusi ababewathenge komunye umdayisi wasemgwaqweni othengisela abafundi ngokudla kulesi sikole. Babuye badedelwa esibhedlela emva kokwelashwa.
Abafundi abayisikhombisa basesikoleni iBongucele Secondary eMthwalume, bangeniswe esibhedlella ngenyanga edlule kusolwa ukuthi babethenge amashibusi kwesinye isitolo esiseduze nesikole kodwa babuye badedelwa emva kokwelashwa.
U-Ayanda Ndlovu (2), no-Okuhle Ndlovu (6) baseCabhane ngaphansi kukaMasipala uMzumbe, kuthiwa bashonela ekhaya emva kokukhishwa yizisu okukholakala ukuthi badla okuthile okunobuthi. Ilungu lesithathu lomndeni okunguCebo Ndlovu (11) kuthiwa ushone emva kokungeniswa esibhedlela nogogo wakhe oneminyaka engu-64, osindile.
Yilezi zigameko nezinye eziningi nakwezinye izifundazwe eziholele ekutheni uMengameli Cyril Ramaphosa, azimemezele njengenhlekelele. Umemezela nje, uhulumeni wesifundazwe iGauteng, ubusuvele umise bonke abadayisa ezikoleni. Kube nemibhikisho eminingi abantu bevala izitolo zabokufika okuyizona ezigqamile ekushoneni kwezingane okuthiwa zisuke zithenge kuzona.
Ukuvalwa kwabadayisa ezikoleni kulesiya sifundazwe, akwehlanga kahle ezinhlanganweni eziningi ezimele umphakathi nosomabhizinisi abancane.
Uhulumeni wakuleli ushaye umthetho wokuthi bonke abezitolo ezincane, nabamabhizinisi alungisa abuye aphathe ukudla, kumele babhalise ngokusemthethweni izindawo. Wathi lokhu kuzoqinisekisa ukulandelwa kwemigomo zikangakapheli izinsuku eziwu-21 ukusuka ngoNovemba. Lo mnqamulajuqu ubukulona leli sonto welulelwe kuFebhuwari 28, emva kwezikhalo eziningi zosomabhizinisi abebekhononda ngobuncane besikhathi abanikwe sona nokugcwala kwezindawo zokubhalisa.
Uhulumeni wakulesi sifundazwe, umemezele imigomo eqinile okumele ilandelwe omasipala ukulawula uhlelo lokubhaliswa kwalawa mabhizinisi nokungena kwempahla ngokungemthetho iqhamuka kwamanye amazwe.
Yize umonakalo sewenzekile, kodwa abakuleli banethemba lokuthi imizamo kahulumeni ukugwema lezi zehlo izothela izithelo.