NKOSIKHONA CELE
USEMBHIDLANGWENI wokufaka isandla ngenhloso yokufukula umdlalo wesibhakela umasipala waKwaDukuza enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal.
Lokhu kudalulwe yiMeya yakule ndawo, uMnuz Ali Ngidi obekhuluma ngesikhathi kunomqhudelwano wesibhakela wokuhlonipha ingwazi kwezamankomane, u-Elijah Tap Tap Makhathani (82) owake wahlonishwa nge-Oder of Ikhamanga ngokuvelela kwezamankomane.
Lo mqhudelwane obuhlanganisa abesilisa nabesifazane ubukade uqhubeka ehholo lomphakathi lakhona KwaDukuza.
UMakhathini kuzokhumbuleka ukuthi wazakhela olukhulu udumo lolu kwezamankomane njengoba ayeshaya isibhakela esiqhwiza umentshisi.
"Sifuna ukusebenzisana nenhlangano kaTap Tap ngenhloso yokuvundulula amakhono abashayisibhakela abasebancane balapha KwaDukuzza,'' kusho iMeya.
Iqhuba iMeya ithe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi lolu hlelo ngokuhamba kwesikhathi luzobonakala luthela izithelo ezinhle kakhulu.
Ithe yingakho nje sebethathe isinqumo sokuthi lo mqhudelwane ube khona minyaka yonke. Mayelana nokuthi basebenzisane nenhlangano kaTap Tap uthe bakhethe yona ngoba le ngqalabutho iyahlonishwa kakhulu.
UMakhathini uthe uyajabula kakhulu ngokuthi kube nomqhudelwane okuhloswe ngawo ukumhlonipha.
Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kuvundululwe amakhono abantu abasha abanentshisekelo ngezamankomane.
Kafishane ngoTap Tap ngokuzalwa ungowaseShowe. Waqala ukulwa izimpi zakhe KwaDukuza.
Yaba sematheni impi yakhe nomshayisibhakela waseBrasil, uJauarez de Lima eyayiseRand Stadium nalapho uTap Tap anqoba khona ngamaphuzu.
Enye impi yakhe eyaba sematheni nayo ayinqoba ngamaphuzu ingesikhathi etholene phezulu nebhokisa lase-US Virgin Island, u-Emile Griffith empini eyayise-Orlando Stadium, eSoweto.