UBENGAFUNI nokuyizwa eyabantu besilisa ababulala abesifazane abathandana nabo uthisha waseMalangeni, eMzinto, ogcine egwaza ebulala ingoduso yakhe, wase ezihilela.
Kulesi sigameko kushone uNksz Nontobeko Cele (24) waseMandawe, ogwazwe wafa ngumyeni wakhe, uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32) obefundisa eZiphozethu Primary eLindelani, KwaDukuza.
Isidumbu sikaNksz Cele sitholwe esigangeni, endaweni eqhelile emizini yabantu eMalangeni. EsikaNtaka sitholwe silenga ehlathini elingekude nalapho okutholwe khona esikaNksz Cele.
Umngani omkhulu kaNtaka, uMnuz Siya Mzobe, exoxa neSolezwe izolo uthe umufi ubengayifuni eyokubulawa kwabantu besifazane.
“Bekuthi noma sixoxa ngalesi sihlava sokubulalana othandweni , asigxeke, ubone ukuthi le nto akayifuni ngenhliziyo yakhe yonke. Ubeze ayifanise nedimoni indaba yokubulawa kwabesfazane,” kusho uMzobe.
Uthe yikho ethuke woma, esebona i-video ebiphanyekwe umufi ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa yena egcwele igazi ebusweni.
“Angibange ngisafuna nokuqhubeka nokuyibuka. Ngiphuthume ekuphawuleni kwabantu, ngabona ukuthi konakele, ngamfonela, kodwa ucingo lwakhe bese lukhala lodwa,” kusho uMzobe.
Uphinde waveza ukuthi umngani wakhe ubewasaba ibhadi amaphoyisa kangangoba uvele wabona ukuthi maningi amathuba okuthi usezibulele naye ngesikhathi esemfonela engamtholi.
Nokho ubalule ukuthi ukwenzeka kwalesi sigameko, kumfundise ukuthi umngani wakhe ubezivalela esifubeni izinkinga zakhe.
“Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingathi wake wagonyuluka kithi njengabangani bakhe ukuthi ubudlelwane bakhe buhaqwe yizinkinga. Thina besibabona bezithandanela kamnandi uma bendawonye, kungekho okusolisayo esikubonayo, noma okubi akushoyo,” kusho uMzobe.
Udalule ukuthi ukugodla kukaNtaka izinkinga zakhe zothando kuqale esethandana noNksz Cele, ebudlelwaneni bakhe baphambilini, wayebhoboka uma kukhona okungahambi kahle.
“Ngaleso sikhathi zase zikhona izinsolo zokuthi isithandwa sakhe asiziphethe kahle, baze babekana izandla. Ilapho esahlala naye phansi, sambonisa ukuthi kuhle bakhululane uma bebona ukuthi sebefike ekubekaneni izandla,” kusho uMzobe.
Uthe unesiqniseko sokuthi ukube ubevuleleka kubo ngokuthi ubudlelwane bakhe noNksz Cele bunezinkinga, bebezokwenza konke okusemandleni ukuthi kungafinyeleli lapho okugcine kufika khona.
Uveze ukuthi yena nomufi baqala ukuba abangani besakhula, befunda futhi bedlala ibhola ndawonye.
“Akakaze abe umuntu womsindo nempi. Ipero kaSbu, mina angiyazi. Ngithuke ngempela uma sengibona engikubone ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uMzobe.